UMENGAMELI Cyril Ramaphosa izolo umemezele ukuthi uzokwethula uhlelo olubizwa nge-Presidential Youth Employment Intervention okuhloswe ngalo ukulwa nenkinga yokuntuleka kwamathuba omsebenzini entsheni.
URamaphosa uthe ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kubantu abasha sekufike esigabeni senhlekelele.
“Emkhankasweni wokuzama ukuxazulula inkinga yokuntuleka kwamathuba omsebenzi, kusukela namhlanje sizothula izinhlelo eziyisithupha esizosebenza phezu kwazo,” kusho uRamaphosa izolo.
Uthe isigaba sokuqala abazosenza wukuphusha abantu abasha ukuthi bangene emnothweni.
“Lolu hlelo luzosiza intsha ukuba ithole usizo, ulwazi bese iqeqeshwa ukuze ilungele ukuthi ingene emsebenzini.”
Uthe kusukela kule nyanga bazokwethula izikhungo ezifundazweni ezinhlanu lapho intsha izothola khona usizo.
“Okwesibili sizoshintsha indlela esiqeqesha ngayo abantu abasha uma sibalungiselela umsebenzi ngokubafundisa ngamakhono adingekayo emsebenzini. Okwesithathu sizosiza intsha efuna ukuba ngosomabhizinisi siyiqeqeshe ukuze ikwazi ukuziphilisa, ibuye ikwazi nokubamba iqhaza emnothweni wezwe.”
Uthe okunye abazokwenza wukuthi bazosebenzisana namakolishi afundisa ngamakhono nezinye izikhungo ukwenza isiqiniseko sokuthi ezifundweni zawo kugxilwa ekuqeqesheni abafundi benze umsebenzi nokuthi bafunde kakhulu izincwadi.
URamaphosa uthe uNgqongqoshe weziMali, uMnuz Tito Mboweni, uzokwenaba kakhulu ngalolu hlelo uma esethula isabelo sakhe sezimali.