UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uthi basazomthwalisa kanzima ePhalamende umengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa uma engamkhombi indlela ungqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan.
Ekhuluma nezintatheli ngemuva kokuphuma ingakaqali inkulumo kamengameli ebhekiswe esizweni ngoLwesine ebusuku uMalema uthe uRamaphosa bazomphathisa okwalowo owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma uma eyishaya indiva eyokukhulula uGordhan kwesobungqongqoshe.
"URamaphosa kumele axoshe uGordhan futhi kumele amxoshe manje. Ngeke sihlale ngaphansi kophahla olulodwa noPravin. Ngeke sihlale ngaphansi kophlahla olulodwa noF.W. de Klerk. URamaphosa kumele azi ukuthi sekumi kanje ubudlelwane bethu naye manje. Umuntu ongafuni ukugxeka ongqongqoshe ongafuni ukugxekwa naye, ngeke ahlonishwe yi-EFF," kusho uMalema obekhuluma ngaphandle kwePhalamende.
UMalema uthe abantu bakuleli basazolahlekelwa yimisebenzi emaBhizinisini kaHulumeni abale kuwo iSAA, Eskom neDenel ngenxa kaGordhan. Usole uRamaphosa ngokusaba ukuxosha uGordhan ngoba nguye owayemqoqela iminikelo eLondon, e-United Kingdom, ngaphambi kokhetho lokuhola i-ANC.
"UPravin noMnuz Jabu Mabuza bakhohlisa umengameli kodwa kuhambe oyedwa (Mabuza). I-EFF ithinta abangathintwa, siya la abaningi abangafuni ukuya khona, ikona esikwenzile namhlanje futhi siyazigqaja ngamasosha e-EFF abengasabi namhlanje ukuphakamisa izikhalo zawo," usho kanje.