IPHINI likaNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Cassel Mathale, lithi sebezwile ukuthi kungase kube nezibhelu zokutatshwa kwempahla okufana nokwenzeka ngoJulayi KwaZulu-Natal naseGauteng, eMgungundlovu, wathi kulokhu basiqaphile isimo.
UMathale ubephendula umbuzo welungu le-IFP, uMnuz Narend Singh, ePhalamende, obuze ukuthi ngabe bakulungele yini ukubhekana nesimo esifana nesangoJulayi sokutatshwa kwempahla, kwacekelwa nengqalasizinda namaloli njengoba ngoJulayi ahluleka wancama ukusilawula.
Uthe bathole umbiko wezinhloli ukuthi kungenzeka zikhale eMgungundlovu.
UMathale uthe basebenzisana noMnyango wezokuVikela nezinhloli ukuqapha isimo ngoba sebezwile.
“Sizwile ukuthi kungase kube nesimo esifanayo eMgungundlovu ngempelasonto. Sisilungele lesi simo, safunda isifundo ngokwenzeka ngoJulayi. Simi ngomumo nakwezinye izifundazwe, uma kwenzeka kudingeka kuqiniswe umbutho, kuzolandwa nakwezinye izifundazwe ukuzosiza,” kusho uMathale.
Uthe lokhu okwenzeka ngoJulayi kwabafica bengazelele.
Uqhube wathi bangu-18 abasolwa ngokuba obhongoza abahamba amacala okuphehla udlame ngezehlakalo zangoJulayi.
“Ukusebenzisana okuhle manje emkhakheni wezokuvikela yikhona okuzosenza sikwazi ukunqanda isimo sangoJulayi singakaveli. Indlala nezinye izinto ngezinye zezinto ezenza abantu benze ubugebengu. Ngisasho namanje, sikulungele kakhulu ukubhekana nanoma isiphi isimo esingavela.”
Namanje kusakhalwa ngomonakalo owadalwa yizibhelu njengoba ezinye zezinxanxathela zezitolo zingakavulwa, ezinye zizovulwa ngonyaka ozayo.
Lokhu kucekelwa phansi kwempahla, izitolo namabhange kwashaya kakhulu umnotho walezi zifundazwe ezimbili lapho kwakudlange khona lokhu kutatshwa kwempahla.
Uthe ngonyaka wezimali ozayo bahlele ukuthatha amaphoyisa angu-10 000 ayoqeqeshwa njengoba ngo-2020 nakulo nyaka babe nezinkinga ekutheni bathathe abazobaqeqeshela ukuba amaphoyisa.
Ukushoda kwamaphoyisa ngezinye zezinto okwakhalwa ngazo ukuthi yizona ezenza ukuthi bahluleke ukubhekana nesimo ngoJulayi.
Kwaze kwatshalwa amasosha ukuthi azolawula isimo eGauteng nakulesi sifundazwe njengoba kwakusenezinsolo zokuthi izibhelu zazizoqhubeka.