UTHEMBISE ukuthi kuzoba nomnyakazo uNobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule ngemva kokuhlangana nabashayeli bamaloli, omakadebona boMkhonto weSizwe nabadayisa emgwaqweni.
UMagashule uhlangane nabalezi zinhlaka eThekwini.
Isigungu esiphezulu se-ANC sinxuse uNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula ukuthi avele phambili kwaso azochaza ngokushintshisana ngamazwi kwakhe nabanye babaholi beMKMVA.
UMagashule utshele i-Independent Media ukuthi ubuholi be-ANC buzozilungisa izikhalazo zamasosha.
“Sizozibheka izikhalazo zamasosha zezindlu, ukunganakekelwa kwawo selokhu abuya ekudingisweni, nokunye. Sizobikela isigungu esiphezulu se-ANC.”
Uthe abakwazi ukuvimba amasosha ukuthi amashele ezindlini zoMbuso ukuphoqa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi alalele izikhalazo zawo.
“Sithe kumalungu awaqale akhale ezinhlakeni zangaphakathi. Asikwazi ukuvimba abantu abafuna ukumasha ngoba yinto abayilwela kodwa sifuna baziphathe kahle.”