MHLELI: Ngesikhathi ethatha izintambo zoMbuso uMengameli wezwe uCyril Ramaposa wakhuluma ngokuzolungisa izwe nethimba lakhe elisha, waze waqamba ihlandla lakhe ngokuthi yiNew Dawn noma yiThuma mina. Uma ubheka njengamanje kumapeketwane awukho umsebenzi weThuma mina, izinkampani zikahulumeni i-Eskom, Telkom, Transnet, SAA, SABC nezinye akusebenzeki abayenzi inzuzo, alukho uzinzo kudliwa bume imali yomphakathi. Udaba lwe-Eskom belungalungiseka, inkinga sebelufake ipolitiki. UZuma mhla ephakamisa ukuthi akusetshenziswe ugesi ophehlwa ngenuzi yize kubiza kodwa ngabe kuyasebenzeka, umnotho uyakhula ngoba lento yokuphehla ugesi ngamalahle kunenkohlakalo enkulu. Sengiphetha uRamaphosa bekumele angavumi ukukhethelwa esikhundleni sokuhola i-African Union ngoba ngeke isisize ngalutho futhi ziningi izinkinga eNingizimu Afrika okumele engabe ubhekana nazo umengameli.
Umbuzo uthi njengoba esezochitha isikhathi esiningi e-Ethiopia, Addis Ababa uzozilungisa kanjani izinkinga esinazo eNingizimu Afrika?
Zivele zimehlula ekhona.
Iqiniso izwe alinamengameli.
Ngifisa siwumphakathi waseNingizimu Afrika sishintshe indlela esivota ngayo ngomuso, sivote imiqondo yethu ivulekile, singavoteli igama, sivotele amaqembu anombono ofana nowenu
Singasebenzisi izinhliziyo uma sivota.
Zithembe Ngobese
Umxhumanisi wentsha we-NFP