USIHLALO weDA Federal Council uNkk Helen Zille, uthi bayasamukela isinqumo senkantolo yomthethosisekelo sokuthi kwakungaphambene nomthetho ukuthi ikhomishini eyengamele ukhetho kuleli ivule kabusha ithuba lokuthi abazongenela ukhetho bafake amagama abo.
Leli qembu laya enkantolo lifuna ukuthi kuchithwe isinqumo sekhomishini sokuthi kuvulwe kabusha ithuba emuva kokuhluleka kwe-ANC ukufaka amagama abantu ezofolosa ngabo komasipala abangu-20, kuma-ward angu-598.
“Siyasamukelai isinqumo, sizoqapha ukuthi ukhetho luba ngolukhululekile. Sizophikisana nekhomishini uma kungukuthi iyaqhubeka nokuphula imigomo ukuze ihambisane ne-ANC kulolu khetho.”
UNkk Zille uthe bazimisele ukungenela ukhetho njengoba besemaqenjini angenele ukhetho kuwona wonke ama-wad kuleli.
UGeneral Bantu Holomisa we-UDM, uthe bayasamukela isinqumo senkantolo ngoba babebhalile befuna livulwe kabusha elinye ithuba.
Uthe i-DA ayihambe iyokhankasa iyeke ukukhala.
Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, uthe bayasamukela isinqumo wanxusa i-DA ukuthi iyeke ukuhlasela ikhomishini.
Uthe amanye amaqembu okubalwa i-UDM, Cope, FF Plus, ACDP aseseka isinqumo se-IEC sokuvula ithuba.
“I-DA ayiyeke ukuhlasela ikhomishini, ayikhankase ukuze iwine ukhetho ngoba aluwinwa ezinkantolo. Sibonga abantu abaphume ngobuningi bayobhalisela ukuvota ngempelasonto.”
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe bazoluqapha ngelokhozi ukhetho wathi noma besamukela isinqumo senkantolo kodwa bayakhala.
“Sizimisele ukungenela ukhetho kanti sizohlangana okhethweni nalabo abavunyelwe ukuthi bangene ngembobo yenaliti.”
I-IEC isamukele isinqumo senkantolo eyachitha isicelo sayo sokuthi ukhetho luhlehlele unyaka ozayo ngoba ithi ngeke kube ngolukhululekile.