OSOSAYENSI abeluleka uMnyango wezeMpilo ngeCorona bathi singase sifike ekupheleni kukaNovemba noma ekuqaleni kukaDisemba isivuvu sesine salolu bhubhane.
Lokhu kudalulwe ngobambe njengongqongqoshe kulo mnyango, uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane, ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nesinye seziteshi zikamabonakude ezikhokhelwayo ngoMsombuluko.
Njengamanje iNingizimu Afrika ibhekene nesivuvu sesithathu salolu bhubhane oseluhaqe abantu abangaphezu kuka-2,3 million, ladlula nemiphefumulo ebalelwa ku-70 000, kusukela leli gciwane labheduka kuleli ngonyaka owedlule.
Njengoba ososayensi beqagula ukuthi leli gciwane lingase libuye ngamandla esikhathini esingangezinyanga ezinhlanu ezizayo, uNkk Kubayi-Ngubane uthe umnyango uzama ngakho konke okusemandleni ukusheshisa uhlelo lokugoma khona lesi sivuvu sizofika abantu abaningi sebegomile.
“Inhloso yethu ukuthi sithi sifika isivuvu sesine kube ukuthi sesigome abantu abaningi ngokwanele. Uma ngibuka indlela uhlelo lomgomo oluhamba ngayo, angikungabazi ukuthi siyothi sifika isivuvu sesine siyobe sesisigomile isibalo sabantu okudingeka ukuthi bagome ukuze siphephe kuleli gciwane.”
Uhulumeni wawukade ubheke ukuthi kuthi kuphela unyaka ube usukwazile ukugoma u-60% wabantu bakuleli.
Kuze kube manje bangaphezu kuka-6 million abantu asebegomile kanti abantu bakuleli lizwe bangaphezu kuka-60 million.
UNkk Kubayi-Ngubane uthe nakuba uhlelo lokugoma lwaqala lwashaya ngonyawo lonwabu kepha njengamanje seluqhubeka ngaphandle kwezihibe.
“Sahlala phansi sabuka ukuthi yikuphi okusebenzayo nokungasebenzi, sabe sesiqhamuka namaqhinga amasha ukuze silungise isimo.”
UNkk Kubayi-Ngubane uphinde waveza ukuthi umnyango uzoqala maduze ukuqondisa ubugwegwe izikhulu ezithinteka enkohlakalweni yokukhishwa kwethenda ka-R150 million eyanikezwa inkampani yezokuxhumana, iDigital Vibes.
Umnyango usanda kuthola umbiko weSpecial Investigating Unit (SIU) ebikade iphenya ngale thenda.
Ngokusho kukaNkk Kubayi-Ngubane, umbiko uphakamise ukuba kuthathelwe izinyathelo izikhulu ezine kulo mnyango, ezaba yingxenye yokukhishwa kwale thenda.
UNgqongqoshe walo mnyango, uDkt Zweli Mkhize, selokhu athatha ikhefu elikhethekile ngenyanga eyedlule ngesikhathi kuqubuka umsindo ngale thenda.
Kuvela ukuthi amanye amalungu omndeni wakwaMkhize ahlomula ngemali eyatholwa yiDigital Vibes kule thenda.