Izindaba

Sizodla u-R154 million isikhungo seTB esakhiwayo

Nkosikhona Cele|Published

UMPHATHISWA wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu- Natal, uMnuz Martin Meyer ngesikhathi ehambele esibhedlela iKing Dinuzulu

Image: NKOSIKHONA CELE

SIZODLA uR154 million isikhungo sokulwa neTB esizophuthulwa ngonyaka ozayo esingaphakathi esibhedlela iKing Dinuzulu. Lokhu kuvele izolo ngesikhathi uMphathiswa weMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer ehambele kulesi sibhedlela. Inhloso bekuwukuyobheka ibanga elihanjwe njengoba sakhiwa.

Usonkontileka wokuqala wahluleka wukuqhubeka nomsebenzi kwase kudingeka ukuthi lo msebenzi udluliselwe kwenye inkampani.''Ingu-R154 million isiyonke imali ezostshenziswa uma sekuphothuliwe konke ukwakhiwa kwalesi sakhiwo,'' kusho uMeyer.

Uveze ukuthi kulo Mnyango bakubeka eqhulwini ukubaluleka kokuba izibhedlela zaKwaZulu-Natal zibonakale zisezingeni ngaso sonke isikhathi. Uthe indlela iTB esiphenduke yaba yisifo esiyingozi ngayo, bekumqoka kakhulu ukuthi kube nesibhedlela esizoba nalolu hlobo lwesikhungo ngaphakathi kusona.

Ugcizelele kakhulu ukuthi kuseqhulwini kubona ukwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izibhedlela ziba yindawo ephephile futhi enezakhiwo ezifanele. Isikhulu esibambile kulesi sibhedlela, uDkt Tumelo Mabesa, sithe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi bazokwazi ukulwa neTB. Udalule ukuthi uhlobo lweTB abazobe belubheka kakhulu yilolu olubizwa nge-XDR.

Uthe lesi sikhungo sizobhekelela abantu abaqhamuka ezingxenyeni ezahlukene. Umnikazi weMakhathini Projects, uMnuz Mbuso Makhathini uthembise ukuthi lesi sikhungo sizobe sesiphothuliwe maphakathi nonyaka ozayo.

''Sifuna ukuqinisekisa ukuthi lo msebenzi uzobe sewuphothuliwe maphakathi nonyaka ozayo. Lokhu kuzokwenzeka ngoba abasebenzi basebenza ngokuzikhandla okukhulu,'' usho kanje.