UNOBHALA Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe bazobopha uhulumeni ngokufa kwabacisha umlilo abathathu ngesikhathi kusha ibhilidi elibizwa ngeBank of Lisbon, eGoli ngesonto eledlule.
UVavi ubekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo sabacisha umlilo okungoMnuz Simphiwe Morapane (28), Khathutshelo Muedi (37) noMduduzi Ndlovu (40) ebise-Ellis Park Arena, eGoli, izolo.
“Ubathumela kanjani abacisha umlilo ebhilidini owazi kahle ukuthi alinazo izinsiza zokucisha umlilo? Sizobopha uhulumeni senzela imindeni yabashonile nabasebenzi,” kusho uVavi.
Uthe abantu abayi emsebenzini ngoba befuna ukufa noma ukulahlekelwa yizitho zomzimba kodwa lokhu kuyenzeka ngenxa yokuthi uhulumeni awubakhathalele abantu.
UVavi uthe uNdunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura, wayazi ukuthi iBank of Lisbon ikleliswe yafika ku-21% ezingeni lokuphepha kodwa wavumela ukuthi isetshenziswe ngabasebenzela uhulumeni.
IBank of Lisbon ibisetshenziswa ngabasebenzi boMnyango wezeMpilo, owezokuHlaliswa kwaBantu nowezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu.
UMnuz Mzukayise Zwane ocisha umlilo, owayesebenza ngesikhathi kusha iBank of Lisbon ngesonto elidlule, naye ugxeke uhulumeni ngokufa kozakwabo.
“Uhulumeni wabulala abantu, sasingalindele ukuthi ibhilidi likahulumeni aliyilandeli imithetho yezokuphepha. Kwakungekho manzi kuleliya bhilidi,” kusho uZwane.