UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema, uthi balindele ukubadla bonke omasipala ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya.
UMalema uveze lokhu ngesikhathi i-EFF iqhubeka nohlelo lwayo eGauteng lokukhankasela amavoti njengoba kuzoba nokhetho oluzoba ngoNovemba 1. I-EFF ibise-Alexandria ngoLwesihlanu ekuseni lapho uMalema aveze khona ukuthi iqembu lakhe lizobe lizishibilikela okhethweni.
“Sizobathatha bonke omasipala. Sizoqala ngoweTheku. Ngiya eNatali (KwaZulu-Natal) ngempelasonto ezayo. Sizobathatha bonke omasipala, i-ANC ifile. Ngeke sibavuse abafileyo...sizozishibilikela kulolu khetho, akekho esincintisana naye. Uma kwenzeka okunye, kuyobe sekuhlanganwa ezinkantolo. I-IEC ne-ANC, sifuna ukubashaya behlangane,” kusho uMalema.
Umholi we-EFF usihlabile isinqumo se-IEC sokuvula ithuba lokuthi kuphinde kufakwe amagama kabusha abantu abazomela amaqembu okhethweni. Uthe lokhu bakwenze ngoba i-ANC ihlulekile ukubhalisa amagama ngesikhathi ebesibekiwe.
The CIC @Julius_S_Malema put into context the logic of applying for a postponement of elections and re-opening of candidate submission in court, while adhering to the existing timetable of the IEC
— Economic Freedom Fighters (@EFFSouthAfrica) September 10, 2021
CIC declares total victory of the EFF in all metropolitans!#RegisterToVoteEFF pic.twitter.com/ArkwBceqcq
Izolo ngesikhathi i-IEC yethula umbiko wamaqembu axhaswe ngemali ekoteni yokuqala yalo nyaka, kalivelanga igama le-EFF, osekwenze abantu babuze imibuzo ngokuthi leli qembu liyitholaphi imali.
UMalema uthe baziphilisa ngemali ebanjwa yiqembu emalungwini alo asePhalamende, yimali abayithola kwi-IEC ngokunjalo nemali enikelwa ngabantu, umuntu ngamunye, engekho ngaphezulu kukaR100 000.
“Asozocwaningwa amabhuku ethu, sithumele umbiko kwi-IEC ukuze bagculiseke,” usho kanje.