UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu, uMnuz Sipho Hlomuka Isithombe: NQOBILE MBONAMBI
SIVULWA ngesonto elizayo isikhungo esikhipha amalayisensi ezimoto iGoble Road Motor Licensing, obese kuphele iminyaka emibili savalwa.
Lokhu kuqinisekiswe uNgongqoshe woMnyango wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, njengoba ngoLwesibili ubehambele le ndawo ukuyohlola amahhovisi esikhashana akhiwe kuyo.
Sivalwe ngo-2020, emva kokuthi kuthiwe amahhovisi akhona madala awekho esimeni esigculisayo, adinga ukulungiswa kabusha.
Uhlomuka uthe ukuvulwa kwalesi sikhungo kuzosiza ukwehlisa umthwalo kwezinye izikhungo, kanti uqinisekise ukuthi isibalo sabasebenzi sandisiwe ukugwema imigqa emide nokucothoza kohlelo lokusizwa kwabantu.
“Sithe ngaphambi kokuthi kuqale uhlelo lokuthi kulungiswe isakhiwo, kodwa kufakwe la mahhovisi ukuze abantu bakwazi ukuthi bathole ukusizakala eduzane njengoba lesi sikhungo sisenkabeni yedolobha kufinyeleleka kalula kuso.
“Leli hhovisi lisebenza izimoto ezevile ku-700 000, okusho kona ukuthi mningi umsebenzi owenziwa nguhulumeni ukusiza abantu,” kusho uHlomuka.
Uthe ukwakhiwa kwamahhovisi esikhashana nokuqinisekisa ukuthi umsebenzi uyaqala, kudle uR13 million. Uthe la mahhovisi azoqala ukusebenza ngoJuni, 1.
Related Topics: