BONISWA MOHALE
KULINDELEKE ukuthi siqine isiteleka eClover njengoba izinyunyana zilwa nokudilizwa kwabasebenzi kule nkampani.
Izolo, izinyunyana zabasebenzi baseClover okuyiGiwusa neFawu, bezinesithangami sabezindaba kukhona neSaftu ezilekelelayo.
Yisonto lesishiyagalolunye abasebenzi baseClover betelekile.
UMnuz Mametlwe Sebei weGiwusa uthe iClover izoqeda imisebenzi yabantu ekubeni ngesikhathi ithengwa yinkampani yakwa-Israel yayithembise ukuthi ngeke idilize muntu.
Uveze ukuthi ngonyaka odlule, ivale amafemu amabili eWestern Cape kanti kulo nyaka kulindeleke ukuthi ivale amane eGauteng, Free State naseNorth West.
“IClover ifuna ukunciphisa amaholo abasebenzi ngo-20%, ifuna umshayeli angabi nomsizi okusho ukuthi uzoshayela abuye azehlisele impahla evenini. Ifuna abasebenzi basebenze nangezimpelasonto nangamaholide. Njengamanje basebenza amahora awu-12 ngosuku. Ngonyaka odlule, idilize abasebenzi abawu-1 600 kanti kulo nyaka ihlela ukudiliza abawu-812,” kusho uSebei.
Uthe bazoqhubeka nesiteleka ngokuthi baxoxisane nezinye izinyunyana okubalwa iNumsa neSaccawu ukuba zijoyine isiteleka.
UMnuz Zwelinzima Vavi onguNobhala Jikelele weSaftu, uthe umhlangano wabo noNgqongqoshe wezoHwebo, IziMboni nokuNcintisana, uMnuz Ebrahim Patel, uhambe kahle.
Uthe bavumelene ngokuthi izinkampani akufanele zidilize abasebenzi futhi umnyango uzophenya ukuthi iClover iyiphulile yini imigomo yokuncintisana eyayibekelwe yona ngesikhathi ivuma ukusebenzisana neMilco (inkampani yakwa-Israel).