ABOMNDENI bamxolele uninalume wezingane ezine azibulala futhi bajabule ngesigwebo esikhishwe yinkantolo seminyaka engu-100 ebhadla ejele.
UNksz Phakamile Mbele ongudadewabo kaBen Mbele ogwetshwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngamacala okubulala abashana bakhe uthe sebemxolele njengomndeni.
Uthe okubajabulisayo wukuthi ngeke besambona emagcekeni akubo.
“Simxolele ngakwenza, ngoba noma singangamxolela lokho ngeke kuzibuyise izingane. Sijabule ngesigwebo asinikezwe yinkantolo ngoba uzohlala ejele isikhathi eside. Esikufunayo manje wukuthola izicubu zezingane ukuze sizifake lapho zingcwatshwe khona,” kusho uNksz Mbele.
UNksz Mbali Mthuli ongubabekazi wezingane ezimbili kulezi uvele wakhihla isililo ngaphandle kwenkantolo njengoba ethe nomfowabo onguyise kaLwandile noSphindile sewashona.
“Kusebuhlungu kakhulu ngoba umfowethu wayenalezi zingane kuphela, washona ngo-2011. Lezi zingane bengizikhonze kakhulu. Kusenzima ukwamukela ukuthi zabulawa umalume wazo ngale ndlela. Sijabule ngesigwebo esikhishwe yinkantolo yize kusebuhlungu,” kusho uNksz Mthuli.
UNksz Phumzile Ngaleka noMnuz Simphiwe Hlophe abasuke ePort Edward bezozizwela isigwebo bathe sezizohamba ngokukhululeka manje izingane KwaNzimakwe ngenxa yokugwetshwa kwalo “malume obulala izingane”.
“Bese kunokwesaba ezinganeni endaweni ngoba umbulali ubengaziwa. Sijabule ngesigwebo esinzima asitholile. Nenkosi uBhekizizwe Nzimakwe izojabula ngokuphuma kwalesi sigwebo ngoba ibikhathazekile ngale nto eyenzeka endaweni yayo,” kusho uNksz Ngaleka.
UHlophe, onguSihlalo wesigungu esilawula isikole KwaNzimakwe Primary lapho bekufunda khona izingane ezintathu nenye encane ebizoqala kulo nyaka, uthe bajabule ngesigwebo njengabazali bezingane zalesi sikole.