BABONGE uKhomishana wamaPhoyisa uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi emva kokuhlanganisa izikhulu zamatekisi KwaZulu-Natal emhlanganweni obubanjelwe eDurban Central Police Station, eThekwini.
Lo mhlangano bekungokwesibili uhlala njengoba owokuqala wawubanjelwe eMayville ngenyanga edlule.
Lokhu kulandela ukuvala umgwaqo kosomatekisi bamabanga amade asePort Shepstone kanye naseThekwini.
Osomatekisi bavala imigwaqo emikhulu okubalwa kuyo uthelawayeka uN2 ePort Shepstone no-N3 eThekwini bephazamisa ukuhamba kwezimoto bekhala ngokugqoza kokukhishwa kwezimvume zokusebenza ngaboMnyango wezokuThutha kulesi sifundazwe.
Okhulumela inhlangano yamabanga amade ePort Shepstone, uMnuz Lizwi Maphumulo ekhuluma neSolezwe, uthe abenelisekile ngokuhlalukile kuwo lo mhlangano.
“Sizothatha ezinye izinyathelo njengoba sifike nommeli, sizoxoxa naye akwazi ukusilekelela ukuthi sigcine sikutholile esikufunayo,” kusho uMaphumulo.
Uthe zikhona ezinye izindlela abazozizama ukulwa nale nkinga yezimvume ababhekene nayo embonini yamatekisi.
“Impela sizozama ukuya enkantolo futhi njengoba size safika lana sibonga igalelo likaMkhwanazi ngoba uyena osilekelele kakhulu. Njengoba samisa isiteleka, sasihlonipha yena. Ukube sasingamhloniphi sasizophinde sibuyele emgwaqeni,” usho kanje.
Okunye okuhlalukile kuwo lo mhlangano yilapho ummeli obemele uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, u-Adv Nxumalo efunde umthetho, isigaba 50 se-National Land Transport Act esithinta ukugunyazwa kwezimoto ezithutha umphakathi, isigaba 87 esikhuluma ngokuboshwa kwezimoto kanye nesigaba 90 esikhuluma ngamacala nangenhlawulo uma izimoto seziboshiwe.
“Lo mthetho uthi akekho umuntu okwazi ukuthi asebenzise isithuthi somphakathi ngaphandle kokuthi abe nemvume emgunyazayo futhi imvume iyona enikeza isithuthi igunya lokusebenzisa uhlobo oluthize lwesithuthi,” kusho u-Adv Nxumalo.
Uthe uma umuntu ezothutha umphakathi futhi ezohlomula kulokho, imvume iyadingeka.
“Uma umuntu ezothutha abantu, ikakhulukazi ngokwenkokhelo yamabhizinisi, kufanele abe nemvume yokukwenza lokho.”
Obemele osomatekisi u-Adv Sinclair uyaphikisana nalokhu okushiwo umthetho esigabeni 87 mayelana nokuboshwa kwezimoto.
“Uma uwufunda lo mthetho, kunegama elithi ‘kungenzeka’, okungezinye zezinto eziletha izinkinga engicabanga ukuthi osomatekisi bahlangabezana nazo ngoba osomatekisi bayazifaka izicelo zezimvume kodwa lezo mvume aziphumi ngaleso sikhathi ekumele ziphume ngaso,” usho kanje.
UNkk Nokulunga Hlophe ubacaciselile osomatekisi ngemigudu elandelwayo uma befaka izicelo zezimvume. Uthe uma bezifakile izicelo, zithatha izinsuku ezingu-60 ukuthi ziphume, uma kuyizicelo zezimvume zezimoto ezihamba amabanga amade umthetho esigabeni 65 uthe akumele bakhiphe izimvume umasipala ungavumile.