UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthi uhulumeni wenza konke okusemandleni ukulwa nokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Ethula isabelo somnyango, uCele utshele iPhalamende ngoLwesibili ntambama ukuthi bayibheke ngelokhozi eyokubulawa kosopolitiki wathi kunethimba loNgqongqoshe elijutshwe nguMengamei Cyril Ramaphosa ukubhekana gqo nakho.
“Ezinsukwini ezingengaki sizomemezela izinhlelo zokunqanda lesi sihlava sokubulawa kosopolitiki. Sizophinde sibe nezinhlelo zokulwa nobugebengu KwaMashu nakwezinye izindawo,” kusho uCele.
Uthe kusuka ngoMashi kuya kuDisemba nyakenye iwu-10 711 imibhikisho ebekhona. Ewu-8 133 ibe nokuthula kwathi ewu-2 578 yaba nodlame.
UCele uchazele iPhalamende ngezinhlelo zokuqeqesha amaphoyisa awu-154 ophiko iTRT athe azojutshwa ezindaweni ezehlukene okubalwa kuzo iNgcobo, e-Eastern Cape.
Uthe bayalwa nezehlakalo ezibukeka zanda zokuqhunyiswa kwezimoto ezithwala imali eGoli.
“Kunamaphoyisa awu-69 219 okumele ngabe asekwezinye izikhundla okubhekwa indaba yokuthi anyuselwe kuzona. Lokhu sinxusa ukuthi kwenziwe ngendlela eziteshini. Sihlose ukuthi kunyuswe nomdlandla kuwona amaphoyisa.”
Amaphoyisa asesigabeni u-5 kuya ku-7.
Ubalule nokuthi kunemali ehlinzekwe ukuthi kuthengwe ngayo izimoto eziwu-42 000 zamaphoyisa.
Uthe bazolwa nezigebengu ezihlukumeza abesifazane, izingane nabakhubazekile.
UCele uthe amaphoyisa asungule izikhungo eziwu-1 047 zokusiza abesifazane abasuke behlukumezekile.
“Onyakeni odlule wezimali bawu-692 abagwetshwe odilikajele, bagwetshwa iminyaka ewu-30 521. Kwavulwa amadokodo awu-3 234, amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane.”
Uthe bayalwa nokudayiswa kukagwayi ongekho emthethweni nobugebengu obuhleliwe.
Unxuse umphakathi ukuthi ubike amaphoyisa asebenzisa budedengu izimoto zamaphoyisa.
Ubalule nokuthi bayalwa namacala athinta ukudunwa kwezimoto, ukubanjwa kwenkunzi nokugqekezwa kwemizi.
Uthe awu-120 475 amaphoyisa embuthweni asebenza eziteshini eziwu-1 146.