Izindaba

Sixolisa ngokuphazamiseka kwenqubo, amacala ayaqhubeka: SIU

Nonkululeko Nhlapo|Published

UDKT Zweli Mkhize obengungqongqoshe woMnyango wezeMpilo Isithombe: REUTERS/Siphiwe Sibeko

SIFUNA abantu baqondisise ukuthi asixolisi kuMnuz Zweli Mkhize ngodaba lwamacala abekwe wona ngeDigital Vibes kodwa sixolisa ngokubambezeleka kwenqubo yokusebenza.

Lokhu kuvezwe uMnuz Kaizer Kganyago okhulumela uphiko oluphenya amacala okukhwabanisa iSpecial Iinvestigating Unit (SIU).

UKganyago uthi ubona kubalulekile ukuthi balucacise lolu daba olulethe okukhulu ukudideka kubantu.

Ukuxolisa kuvela ngemuva kokuthi kube nesicelo sokuthi kuhunyushwe izingxoxo eziqoshiwe zibe wumbhalo, nokuyinto edale ukuthi kunikezelwe ngosomqulu ongaphelele kwabafaka isikhalazo ngalolu phenyo.

“Inqubo yokubuyekeza umbiko we-Digital Vibes iyaqhubeka futhi abathintekayo bayaxhumana ukuphendula izicelo ezivelayo kuhlangothi ngalunye. Esinye salezo zicelo bekungukuhumusha izingxoxo zibe wumbhalo ngokutholwe ngesikhathi sophenyo.”