SIVELE enkantolo isikhulu soMnyango wezaseKhaya sakwaHlabisa esisolwa ngokukhwabanisa imali yomazisi.
Lesi sikhulu esingumphathi wehhovisi loMnyango wezaseKhaya elingumahamba nendlwana, sivele eNkantolo yeMantshi yakule ndawo ngecala lokukhwabanisa nokweba izolo.
Kuthiwa besizitamuzela imali yabantu abashaya omazisi kule ndawo sibuye sishadise abakuleli nabangaphandle engenalo igunya lokwenza lokhu.
Akwaziwa ukuthi yimalini ekhwatshaniswe ilesi sikhulu kusukela saqala ukwenza lo mkhuba nyakenye kodwa kutholakale izindodla zamafomu abafake izicelo zomazisi kuleli hhovisi ezingafakiwe kwikhompyutha okusolwa ukuthi imali yakhona besesiyithathile.
Kwesinye isikhathi kuthiwa ubegcwalisisa umuntu ozoshaya umazisi ifomu kodwa kwikhompyutha abhale ukuthi lowo ubezofuna isitifiketi somshado esibiza uR20, ayibambe enye imali, atshele ozoshaya umazisi ukuthi alinde ukuze kungene iSMS, ngaphambi kokuthi abuyele kuleli hhovisi.
Uma kwenzekile ikhasimende labuyela lazothetha kuthiwa ubelishayela ngaleso sikhathi umazisi, liphinde lilinde isikhathi esengeziwe.
Abagilwa abaningi kuthiwa izakulazi namakhehla ezihola impesheni, ezifika kuleli hhovisi ngemuva kokulahlekelwa umazisi, bese kuphele unyaka zingaholi ngoba omazisi abekho.
Umthombo waleli phephandaba ulipotshozele ukuthi umsolwa ubeke atshele abaphathi bakhe abasehhovisi eliseMtubatuba ukuthi ugesi awukho ehhovisi ngakho akasebenzi, ebe ekhona esebenza egcwalisisa amafomu, wonke amafomu awenze ngalolo suku imali yakhona ubeyigodla.
“Abaphathi bathole izikhalo zomphakathi osebenzisa leli hhovisi mayelana nokungaphumi komazisi abashaywe kulo, okuholele ekutheni umphathi oseMtubatuba aye kulona ayobheka ukuthi kwenzekani kuleli hhovisi. Uthole inqwaba yamafomu angafakiwe kwikhompyutha kodwa agcwalisiwe,” kusho umthombo.
UMnuz Cyril Mncwabe ophethe uMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal, uthe umnyago wakhe uzimisele ukukhuculula inkohlakalo kulo mnyango.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi umsolwa uvelile enkantolo kodwa athi idokodo belingakabuyi enkantolo, eminye imininingwane abengakabi nayo.