SIYAQHUBEKA isihlava sokubulawa kwabantu abadala KwaZulu-Natal njengoba kutholwe isidumbu sesalukazi esineminyaka engu-80 sibulewe eRoosboom, eMnambithi.
Isidumbu sikaNkk Thokozile Langa (80), sitholwe entabeni wumfana obelusa izimbuzi ngoMgqibelo.
Isolezwe lithole ukuthi umufi wayekade ebonakale ngoLwesihlanu kwenye indawo yokucima ukoma. Ngakusasa watholwa esebulewe.
Ngokusho komthombo ocele ukungadalulwa, akwaziwa noma uhlaselwe esendleleni eya ekhaya noma walandelwa ngabantu bezitshela ukuthi unemali.
“Ugogo kuvele ukuthi ubezikhothele njengoba wagcinwa ukubonakala kwenye indawo yokucima ukoma ngabo-7.30 ebusuku. Ngakusasa ugogo utholakale elimele, utholwe entabeni wumfana obelusa izimbuzi,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala.
“Ngokophenyo olusenziwe, ngoMgqibelo ngo-10.30 ekuseni kutholwe isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-80 eMnambithi, elinyaziwe ekhanda. Lo wesifazane wagcinwa ukubonakala endaweni yase-Roosboom ngabo-7.30 ebusuku ngoLwesihlanu. Kusaphenywa ngembangela yokubulawa kwakhe,” kusho uCapt Gwala.
Imizamo yeSolezwe yokuthola umndeni kamufi ayizange iphumelele njengoba ucingo lukamzukulu kamufi beluvaliwe izolo.
Kwenzeka lokhu nje, Isolezwe ngeledlule libike ngokuhlaselwa kwesalukazi saKwaDambuza, eMgungundlovu. Satholwa sisikwe izicubu, silinyaziwe endlini ebesihlala kuyona sodwa.
Okhulumela uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa KoMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uMnuz Mhlaba Memela, ukugxekile ukubulawa kwalesi salukazi.
“UNgqongqoshe uNkk Nonhlanhla Khoza ufisa ukuqala ngokudlulisa amazwi enduduzo emndenini kagogo ukuthi atholakale elimele, aze alahlekelwe umphefumulo wakhe. Lezi zigameko ziyasikhathaza kakhulu, siwuhulumeni. Besilokhu sisho ukuthi umuntu omdala osuke ehlala yedwa ukuba alekelelwe ngabaseduze. Nokuthi abantu abadala bengalinyazwa.
“Siyazi abantu bayasebenza kude nasemakhaya, ngakho siyacela ukuba kukhulunywe nosonhlalakahle ukuze bangenelele. Siyanxusa ukuba impilo yomuntu omdala iphephe. Siyathemba abezomthetho bazolandelela, kuboshwe abasolwa bese bajeze ngokubulala abantu abadala. Abantu abadala yibona abakwazi ukukhulisa izizukulwane nabanolwazi oluningi ngomlando wethu. Kusiphatha kabi kakhulu ukubulawa kwabantu abadala okubukeka kwanda. Sinxusa ukuba abantu babuyelwe ubuntu, bavikele abantu abadala. Sizoyinqoba le mpi njengoba siqhubeka nemikhankaso yokuvikela abadala bethu,” kusho uMnuz Memela.