SITHOLWE emgodini ombelwe izigxobo zokubiya, isidumbu sengane okubikwe ukuthi iduke idlala egcekeni.
Isidumbu sika-Alwande Mtshali (3) wakwaMteyi eMnambithi, nobegcine ukubonakala ezidlalela egcekeni lakubo ngoMsombuluko emini, sitholakale ngoLwesibili emgodini wesigxobo sokubiya kubo, sivele ngezinyawo.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta umndeni, unina kamufi uNksz Nosipho Zwane obehluleka nawukukhuluma ngenxa yomunyu, uthe bayitholile ingane kodwa ingasiphili wadlulisa ucingo kwelinye ilungu lomndeni.
Elandisa ngokwenzekile umfowabo kamufi, uMnuz Ngcebo Mtshali, uthe u -Alwande ubesele nomzanyana wakhe ngesikhathi abazali babo besemsebenzini.
“Naye umzanyana unengane encane. Ubesafunza ingane yakhe ngesikhathi u -Alwande edlala emnyango. Ungumuntu onomsindo uma edlala, omgadayo usolile ngesikhathi engasawuzwa umsindo wakhe waphuma ukuyobheka kodwa lutho ukumbona,” kusho uMtshali.
Uthe bekungabo-11 emini ngesikhathi kuqala ukuthungathwa ingane kodwa lutho ukutholakala, okuthe ngakusasa ekuseni isidumbu sayo satholwa sisemgodini.
“Ngendlela umgodi omncane ngawo, bekungeke kube wukuthi uphonsekile kodwa kuyacaca ukuthi ushuthekiwe kuwo. Ngayizolo besibheke kuyo yonke indawo nakuyo imigodi ngoba isobala kodwa asizange simthole, okucacayo ukuthi abantu abathile abangasifuni abenze lesi senzo.”
Uveze ukuthi nakuba besola ukuthi yisenzo sabantu abangawufuni lo mndeni, kodwa akekho obamsolayo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa saseZakheni.
“Izimo eziholele kulesi sigameko ziyaphenywa. Ingane ibibikwe ukuthi ilahlekile ngoMsombuluko, yatholwa ishonile ngosuku olulandelayo isemgodini owawumbelwe ukubiya kubo,” kusho uCaptain Gwala.