UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, usekuqinisekisile ukuthi kutholwe izidumbu eziwu-20 ePhoenix kulandela ukushuba kwesimo phakathi kwezakhamuzi ezihlala kule ndawo esenyakatho neTheku.
UCele uthe amaphoyisa aphenya amacala awu-14 okubulawa kwabantu.
“Izidumbu esizitholile ziwu-20 kodwa leso sibalo sisengakhuphuka ngoba kunabantu abalahlekile abangakatholwa,” kusho uCele.
Ungqongqoshe ukuchithile ukuthi ukucwasana ngokwebala phakathi kwabomdabu waseNdiya nabamnyama kuhamba phambili ePhoenix, uthe uma kukhona kulandela ubugebengu obuqhubekayo. Usole abantu ezinkundleni zokuxhumana ngokufafaza amanga.
“Izinkundla zokuxhumana azisisizi ngalutho. Kunabantu abebebhala bethi kunequlu labantu elibheke ePhoenix ngo-2 ekuseni lizohlasela, sithe uma sifika sangakubona lokho.”
Ukuvumile ukuthi kunabantu asebeshonile kodwa wagqamisa ukuthi into ehamba phambili ubugebengu ngoba zikhona izindawo zamabhizinisi ezishayiwe ePhoenix. Uthe bazoziphenya izinsolo zenkinga yokucwasa ngokwebala.
UCele ukuvumile ukuthi kunezindawo eThekwini abantu asebevinjwa kuzo ngenxa yebala labo. Uwukhuzile lo mkhuba, wathi uyazihambela lezi zindawo uzama ukudala ukuthula.
Namhlanje isimo eKZN naseGuateng singcono kakhulu kulandela ukubheduka kodlame nokutatshwa kwempahla ezitolo. UCele uwuchithile umbono wokuthi abantu batapa ngoba belambile.
“Sibone izimoto ezinhle zipake ku-N2 abantu beyotapa ngakho ngeke sithi ke abantu abalambile abenza lento. Ubugebengu nje lobu esibhekene nabo.”