ENKANTOLO eNkulu yaseThekwini lapho okuqhubeka khona icala lokusocongwa kukaMnuz Smanga Celimpilo Zulu
Image: SITHUNYELWE
NKOSIKHONA CELE
YAYINGENAZO izinombolo imoto eyayisetshenziswa ngabasolwa ngesikhathi behlasela e-salon KwaMakhutha besoconga ilungu eliqavile le-ANC, uMnuz Smanga Celimpilo Zulu (31).
Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi kufakaza umphenyi omkhulu kuleli cala uWarrant Officer Mhlungu.
Abamangalelwe wuMbuso kuleli cala ngoMnuz Sikhalo Mzulwini ongummangalelwa wokuqala, Vusimuzi Khuzwayo ummangalelwa wesibili noNkanyiso Maphumulo wesithathu.
Basolwa ngokuthi yibona abangongqondongqondo bokusocongwa kukamufi. Isigameko sokubulawa kukaZulu owayephinde abe ngusomabhizinisi senzeka ngo-Okthoba 12, 2020 e-salon yakhe engaphandle kwaseCoastal College.
Ngemuva kwezinsuku ezine kuya kwezinhlanu abasolwa bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela. Ukubulawa kukaZulu kwasolwa ukuthi kwakunenhlese yezepolitiki.
UMhlungu ufundele inkantolo isitatimende athe senziwa uMnuz Vincent Thwala osalala kobandayo kodwa amchaze njengowabona konke okwenzeka ngosuku lwesigameko. Kulesi sitatimende umufi uveza ukuthi wakubona konke kwenzeka futhi wambona umuntu owadubula.
Siveza ukuthi kwathushuka imoto i-Nissan Almera eyabe ingenazo izinombolo futhi inamawindi afile kodwa embozwe ngoplastiki. Siqhuba sithi le moto yapaka buqamama ne-salon. Ngaphakathi kuyona kwakukhona owesilisa omkhulu ngomzimba omnyana futhi omfishane.
Emotweni kwehla owesilisa egodle isibhamu nesigqoko kodwa kwathi uma esezofika e-salon isibhamu wasifihla ngesigqoko. Esesondele e-salon kulesi sitatimende umufi uthi akabuzanga mpilo owesilisa wadubula amahlandla amaningana ebhekise kwabesilisa abathathu ababehlezi ngaphandle.
Kulabo besilisa uthi kwakukhona noZulu athi wayekade ehlezi nabanye besilisa bona abasinda. Uqhuba athi owayedubula wakuqaphela ukuthi kuzona zombili izandla wayefake iziphandla futhi efake nesikhindi.
Umufi wathi esedubulile owesilisa wabaleka waphindela emuva emotweni eyayimlindile vele ayehle kuyona. Uthi yilapho-ke aqaphela khona ukuthi empeleni babebathathu abesilisa ababengaphakathi emotweni.
Imoto okukhulunywa ngayo yiyona le okuthiwa kwabe kungekanina wommangalelwa wokuqala, uMzulwini. Ngemuva kwalokho kuthiwa imoto yashaya yachitha.
Uthi wathola ukuthi uZulu kugcine kumenele kanti ayehlezi nabo baphuthunyiswa esibhedlela bagcina bewuphonsa umbalane.
UMthethwa okufana nokuthi usekhuluma esethuneni, wafa ngokudutshulwa ngonyaka odlule kusolwa ukuthi wabulawa ngabathile ababezama ukuqeda ngobufakazi baleli cala.
Kusetshenziswa isitatimende sikamufi nje phambilini kwasuka uthuli lwezichwe phakathi koMbuso nohlangothi olumele abasolwa olwalukuchitha ukusetshenziswa kwezitatimende zofakazi abangasekho emhlabeni kuleli cala.
Enkantolo phambilini kwahlaluka ukuthi ummangalelwa wesibili uyena owanxenxa ummangalelwa wokuqala nowesibili ukuba bamlekelele ukuze kusocongwe umufi. Kulindeleke ukuthi uma kuqhubeka icala namuhla umphenyi afunde isitatimende somunye ufakazi naye osashona.
Related Topics: