UNGQONGQOSHE wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula uthi sizotholakala maduze isixazululo enkingeni yama-e-tolls ahlalise lubhojozi abantu baseGauteng.
UMbalula usho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabakwaSABCnamhlanje.
“Izoxoxwa indaba yama-e-tolls nazo zonke izinhlaka ezithintekayo. Kungenzeka ukuthi isisombululo kube wukuthi aphele ama-e-tolls. Uma ephela kufanele sazi ukuthi sizokwenzanjani ngesikweletu sawo. Kufanele sithole isisombululo futhi abantu baseNingizimu Afrika kufanele babe yingxenye yaso,” kusho uMbalula.
Selokhu engene esikhundleni sakhe esisha uMbalula, i-ANC eGauteng nabantu bakulesiya sifundazwe bamcelile ukuthi aqede ama-e-tolls.
UMbalula uthe vele abantu abaningi abawakhokheli ama-e-tolls selokhu aqala ukusebenza ngo-2013.
“Akulula ukuvele sithi siyaqeda ama-e-tolls kodwa iqiniso wukuthi abantu abawakhokheli okusho ukuthi sinesikweletu esilokhu sikhula sawo. Kufanele sithole isixazululo ngokuxoxisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo,” kusho uMbalula.
Amaqembu aphikisayo nawo acele uMbalula ukuba aqede ama-e-tolls ngoba awumthwalo ongadingeki kubantu.
Isikhulu esiphezulu se-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa) uMnuz Wayne Duvenage uthe bayazi uMbalula wumholi onomdlandla ngakho bayathemba uzowusebenzisela ukulwa nenkinga yama-e-tolls.
“Siyathemba uzosebenzisana nabantu abanobuchule kwezokuthutha ukuze axazulule izinkinga zalo mkhakha, kusukela kuma-e-tolls kuya kumthetho wokuphuca abantu amaphuzu uma bephula umthetho womgwaqo,” kusho uDuvenage.
UMbalula uthe ngeke abheke ama-e-tolls kuphela kodwa uzobheka nenkinga yezingozi zezitimela njengoba ngonyaka odlule zibe wu-1 027.
Uthe kufanele abantu bahambe ngezokuthutha eziphephile kusukela kumatekisi namabhasi, izitimela namabhanoyi.