Willem Phungula
SISEMANZINI isizwe saseNhlangwini eHighflats, ogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal ngaphansi kwenkosi uMntwana uMelizwe Dlamini, emva kokudlula kukadadewabo emhlabeni.
UMntwana Busisiwe Dlamini (46) ongumagcino ezinganeni zakubo kwenkosi uDlamini, ushonele eMelika ngoSepthemba 5 kodwa isidumbu sakhe sisekhona eMelika, kanti umndeni usezinhlelweni zokusibuyisa ukuze atshalwe ekhaya eNhlangwini.
UMntwana Sithulile oyindokazi kamufi, utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi basaxhumana nabasemzini kanina njengoba ubeseganile eMelika, wathi umkhwenyana nomndeni wakhe sebevumile ukuthi umzimba kanina, ubuyele ekhaya.
Uthe zihamba kahle izinhlelo zokufihlwa kukanina futhi babambisene kahle noMnyango wezoBudlelwano baMazwe okuyiwo obalekelela ngokulandela imigomo yokubuyiswa komzimba woshonele kwelinye izwe.
Uthe okwenza kubambezeleke yiyo imigomo yegciwane leCovid-19 ngoba imingcele yamazwe okubalwa neNingizimu Afrika, kwadingeka ukuba ivalwe ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kweCorona.
UMntwana uthe unina walifuthela leli ngo-2008 eyofuna amadlelo aluhlaza emkhakheni wezempilo, ashone esebenza kuwo.
Uthe yize umndeni ungakasitholi isifo esigcine simthathile kodwa ugulile wangabe esakwazi ukuhamba, umndeni utholile ukuthi akuyona iCovid-19, okuyisona sifo esibhubhisayo kulezinsuku eMelika.
Leliya lizwe lihamba phambili ngezibalo zabahaqwe yigciwane futhi sebengaphezu kuka-200 000 asebefile.
UMntwana uMthokozisi Dlamini ongumkhulumeli wesizwe, uthe isizwe sidabuke kakhulu ngokudlula kukaMntwana uBusi emhlabeni, wabe esecela isizwe ukuba sizothe kuze kube uyatshalwa.
Uthe kusenzima ukukhipha usuku lokumfihla ngoba izinhlelo zokubuya komzimba azikakaphothulwa.
“Sizomemezela esizweni ngezinhlelo zokumfihla. Inkosi iphatheke kabi kakhulu ngokudlula kukathunjana wakwabo,” kuchaza uDlamini.
Umufi uzalwa inkosi Langalethu Dlamini osewakhothama. Inkosi Langalethu eyabe inguNgqongqoshe wezamaHlathi kuhulumeni waKwaZulu, yayizalwa inkosi uMdibabinisi owayethathe indodakazi yeSilo uDinuzulu, uMntwana uKhesi.