UMNDENI kaSbahle Mpisane, osekuphele amasonto amabili elaliswe esibhedlela ngenxa yokulimala engozini yemoto, unxuse abantu ukuthi baqhubeke nokumthandazela ukuze ezolulama.
“Sithanda ukubonga abalandeli bakhe nabantu bakuzona zonke izinkalo ngokuzwelana futhi nokukhombisa ubuntu kuSbahle nasemndenini wakhe,” kusho uyise kaSbahle, uSbu Mpisane.
“Sisayidinga imikhuleko. Ngiyabanxusa ukuthi baqhubeke nokuthandazela ukululama kwakhe ngoba ngokwenza njalo, imithandazo yabo neyethu njengomndeni izophendulwa ngoba uNkulunkulu muhle ngaso sonke isikhathi.”
USbahle walimala entathakusa ngo-Agasti 9 ngesikhathi imoto yakhe iBMW 4 Series Convertible ishayisa isihlahla emgwaqweni uMargaret Mncadi Avenue (Victoria Embankment) eThekwini.
Kwadingeka ukuthi kusetshenziswe izindlawu ukuze akhululwe futhi amaphoyisa athi imoto yavutha ngemuva kokushayisa.
UMpisane uthe indodakazi yakhe isasesimeni esibucayi kodwa iyalulama.
“Kukhona izimpawu ezithembisayo ezivelayo futhi ungena ephuma egunjini lokuhlinzwa ngenxa yokulimala kanzima. Akakakwazi ukukhuluma namanje kodwa sinethemba futhi sithandazela ikusasa elingcono.”
UMpisane uphinde wabonga nabezindaba ngokuqhubeka ngokubika ngendondakazi yakhe.
Kusukela engenile esibhedlela uSbahle imiyalezo yokumfisela ukululama okusheshayo ayinamkhawulo. NgeSonto abanye, okubalwa kubo isoka lakhe * -Itumeleng Khune nomngani wakhe uYolanda Sokhela, bebehlangene eNyuvesi yaKwaZulu-Natal lapho bebezivocavoca khona egameni lakhe. Kuphinde kwaba nomkhuleko obuholwa nguMfundisi uKhaya Mthethwa.