INGAPHEZU kuka-1000 imizi ekhahlanyezwe yizulu KwaZulu-Natal ukusuka ekuqaleni kukaDisemba kuze kube manje.
Lokhu kuvezwe wuMnyango kaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka.
Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba, uHlomuka uthe kuphinde kwaba khona omunye umonakalo odalwe yizimvula ezinamandla KwaMaphumulo, ngoLwesibili.
Uthe lo monakalo wangoLwesibili, balindele ukuthi usenyuse isibalo semizi ekhahlamezekile.
Uthe ngoDisemba 30 uwodwa, izimvula ezinamandla zibulale abantu abane, okukhona kubo nengane eneminyaka emithathu yaseMambedwini, KwaMaphumulo eyamuka namanzi.
“Kumanje abezimo eziphuthumayo, baphansi phezulu bahambisa usizo emindenini elinganiselwa ku-1692 ekhahlamezekile,” kusho Hlomuka.
Uthe kule mizi, kukhona kuyo ewu-400 yaseMgungundlovu bese kuba engu-300 engaphansi koMkhandlu weLembe.
Uthe kulezi zigameko kuwe izindonga kwaphephuka nophahla.
Uthe kuphinde kwathikamezeka umgwaqo uR74 osuka KwaDukuza uya eGreytown ngaseMbulwini.
Kanti kwezinye izindawo kuze kwahamba ngisho ugesi ngenxa yokuthinteka kwezigxobo zikagesi zithintwa wukuhlephuka kwezihlahla ezisondelene nazo.
Uthe okwamanje umnyango wakhe usematasa nokubala ukuthi umonakalo usuwonke mngakanani. Uthe lolu lwazi luzohlanganiswa kahle uma sekuqediwe ukubalwa komonakalo njengoba izulu lingayekile ukuqhubeka nokuba libi.
Ube esenxusa abantu ukuthi bahlale ngokusiqapha isimo sezulu, baphinde balalele uma kukhishwa izexwayiso zokuthi izulu lizoshintsha.
“Kufanele kube khona izinto abazigwemayo njengokuqhubeka nemidlalo uma liduma, ukunqamula imifula egcwele kwabahamba ngezinyawo nalabo abahamba ngezimoto,” kusho uHlomuka.