KUZOQHUBEKA ngoMsombuluko ukulalewa kwesicelo sebheyili sabasolwa ababili, abanukwa ngokubulala ngokudubula usomatekisi waseFolweni, uMnuz Smiso Gumede, ngasekuqaleni konyaka.
Abasolwa, oMnuz Nqobile Sikhosana (38) noNhlanhla Shozi (36) bavele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngoLwesibili, befaka isicelo sabo sebheyili.
Ukulalelwa kwesicelo kuhlehliswe ngenxa yokuthi bese kuntambama, inkantolo yathi abaphinde babuye ngoMsombuluko bazoqedela ukulalelwa kwesicelo sabo.
Obengene ebhokisini lofakazi, waphonswa ngemibuzo wumsolwa wesibili, uShozi.
Uveze ukuthi unezingane ezintathu, amatekisi amabili, izimoto ezimbili ezikhokhisa ngebanga ezilihambile nenkampani eqashe abasebenzi abangu-74.
Unxuse inkantolo ukuthi umnike ibheyili ngoba uma engaphakathi, kuningi okuthikamezekayo emabhizinisini akhe, athe anabasebenzi abaholelwa wuyena uqobo.
Kuphinde kwavela nokuthi usasayina esiteshini samaphoyisa, kulandela ukudonsa iminyaka yesigwebo seminyaka engu-15 ngecala lokuduna imoto.
UGumede wadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu esuphamakethe esenxanxatheleni yezitolo eManzimtoti, eThekwini, ngoJanuwari 22.
Ngosuku okuthiwa bahlasela ngalo umufi, kuthiwa baqala ukumdubula esegaraji lendawo. Kuthiwa wazama ukubaleka ngemoto yakhe kodwa baqhubeka bamlandela, okwathi uma ebona ukuthi bayamnamathela waphuma emotweni, ezama ukubaleka ngezinyawo.
Kuthiwa wabaleka wayongena esitolo kodwa bamlandela, bafike bamqedelela phakathi.Abasolwa baboshwe ngeledlule, emva kokuzinikela emaphoyiseni. Kuthiwa bakwenza lokhu emva kokululekwa wummeli wabo.