ANGENE eNkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesine amaphepha okubuyekeza isicelo sokugudluza umholi uNyazilwezulu, esihlalweni eBuhleni.
Lokhu kuza emva kokuthi isicelo ebesifakwe wumholi wamaNazaretha, Ukukhanyakwelanga sichithiwe kule nkantolo.
Umshumayeli Chansey Sibisi weBandla lamaNazaretha, nophinde asebenze nabameli bebandla, uthe bagcine besithathile isinqumo sokuthi bafake isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo.
Bebekalelwe yile nkantolo ukuthi kungapheli izinsuku ezingu-20 bengasifakile isicelo sokubuyekeza isinqumo uma bezimisele kanjalo.
“Njengoba amaphepha siwafaka enkantolo ngoLwesine kuningi esikhala ngakho. Okokuqala ukuthi ijaji libuyisele icala emuva ngesikhathi likhipha isinqumo ngesicelo sethu sokuthi kugudluke uNyazi esihlalweni.
“Kunokuthi libheke esikucelile livele laqala phansi lakhuluma ngendaba yobuholi bebandla lamaNazaretha. Asisekho isidingo sakho ngoba zonke izinkantolo sezanquma ukuthi uNyazilwezulu aluyena umholi wamaNazaretha.
“Okwesibili sikhala ngokuthi lithathe isikhathi eside ukukhipha isinqumo ekubeni bekungasaqulwa cala. Okunye ukuthi uNyazilwezulu luhleli ngokungemthetho esihlalweni futhi siwushaye indiva umthetho ngoba isikhonzi senkantolo sayihambisa incwadi ngesikhathi seluchithwe yinkantolo yoMthethosisekelo,” kusho uSibisi.
Uthe okwenziwe yijaji lichitha isicelo sabo kungukubukela phansi amajaji aseNingizimu Afrika angu-18 achitha uNyazilwezulu ezinkantolo ezahlukene ukuthi alusiye umholi wamaNazaretha.
Uveze ukuthi konke okuthintwe yijaji ngesikhathi likhipha isinqumo ngesicelo sabo sekwanqunywa ngakho, besingasekho isidingo sokuphindela kukhona.
Isicelo sabo uthe besinenombolo yecala entsha engahlangene nesinqumo sezinkantolo ezedlule, wathi alikwazi ukuthatha isinqumo libheka into esiyadlula.
Isolezwe linawo amaphepha esinqumo sejaji ngokugudluzwa koNyazilwezulu esihlalweni eBuhleni. Kusona ijaji lithinta zonke izigameko zokuqulwa kwecala kusuka ngo-2011.
Kukhona nalapho liveza khona ukuthi uNyazilwezulu lwakulwela kodwa ukuthi alukwazi ukususwa eBuhleni ngoba kusemzini kayisemkhulu, Inyangayezulu.
Kulokho uSibisi uthe besingasekho isidingo sakho ngoba lolo hlangothi lwadingidwa enkantolo, eyaluchitha uNyazi ngoba bawaveza amaphepha aqinisekisa ukuthi umuzi waseBuhleni ubhaliswe njengendawo yesonto.