BANGAPHEZU kuka-10 000 abantu asebeboshelwe ukungazifaki izifonyo kusukela ngoDisemba KwaZulu-Natal.
UBrigadier Jay Naicker okhulumela amaphoyisa esifundazweni, ngoMsombuluko, uthe amaphoyisa nabezokuphepha babophe abantu abangu-14,653 ngesikhathi kunezinhlelo ezehlukene zokubopha abephula umthetho ohambisana nesigaba sesithathu sokuvalwa kwezwe kusukela ngoDisemba 29 kuya kuFebhuwari 2.
“Ngesikhathi esifanayo kuboshwe abantu abangu-10 701 ebebengazifakile ezifonyo ezindaweni zomphakathi," kusho uBrigadier Naicker.
Uqhube wathi amaphoyisa abophe abantu abangu-2 884 abahlulekile ukulandela umthetho wewashi okumele ulandelwe ngalesi sigaba.
"Ngesikhathi esifanayo, amaphoyisa abophe abantu abangu-741 bephula umthetho olawula ukuthuthwa, ukudayiswa noma ukuphuzwa kotshwala kulesi sigaba,” kusho yena.
UNaicker uthe iziphathimandla zamaphoyisa zikhathazeke kakhulu ngesibalo esiphezulu sabantu ababoshwa nsukuzonke ngokungazifaki izifonyo ezindaweni zomphakathi.
“Sinxusa abantu ukuthi baqhubeke nokuqhelelana, lokhu akubonakali kwenzeka njengoba izixuku zabantu zihlangana ezinxanxatheleni zezitolo nakwezinye izindawo zomphakathi nsuku zonke,” kusho uNaicker.
UKhomishani wamaPhoyisa osabambile KwaZulu-Natal, uMajor-General Thulani Gonya, unxuse amaphoyisa ukuthi aqhubeke nokubopha abephula imithetho yalesi sigaba sikathaqa.
“Sizoqhubeka nokwenza umsebenzi wethu wokuqinisekisa ukuthi izakhamizi esifundazweni ziyayilandela imigomo yonqandwa kokusabalala kweCovid-19," kusho yena.