SIPHINDE sakhuphuka isibalo sabantu ababulawayo nabadlwengulwayo KwaZulu-Natal.
Izolo kwethulwa izibalo zobugebengu kuleli, kuvele ukuthi bangu-4 395 sababulewe kusukela ngo-Ephreli 2018 kuze kube uMashi 2019 eKZN.
Lokhu kukhomba ukuthi kukhuphuke ngo-0.3% ukubulawa kwabantu eKZN.
Uma uqhathanisa nonyaka odlule (2017/2018), lapho babengu-4 382, bande ngo-13 ababulewe.
Emacaleni okuhlukunyezwa ngocansi kuvezwe ukuthi aqonge kakhulu njengoba, ekhuphuke ngo-6.3%, kusuka ku-8 759 ngokudlule (2017/2018), kulokhu babe ngu-9 308 abantu abahlukunyezwe ngocansi.
Ukudlwengulwa kukodwa babe ngu-424, okusho ukuthi kukhuphuke ngo-5.9% e-KZN.
Omunye Isolezwe elabhala ngodaba lwakhe ngoMeyi nyakenye, obebalwe kulezi zibalo uNksz Nompumelelo Mthembu, waKwaNongoma. Owadlokodlwa isitho sangasese, wabe esebhunyelwa ngophethroli washonela esibhedlela.
Uyise wezingane zakhe owayebalekile, uSiyabonga Buthelezi, ugwetshwe udilikajele neminyaka eyisithupha ngamacala okubulala nelokuhlukumeza ngocansi kulo nyaka ngo-Ephreli. Umndeni uthe wasijabulela isigwebo, sabathoba amanxeba.
Obunye ubugebengu obukhombise ukukhula ukudunwa kwamaloli, kukhuphuke ngo-53.8%, kubanjwe amaloli angu-80.
Ukubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe kwehlile njengoba zibe ngu-12 kuphela izigameko ezibikiwe. Ngo-2017/2018 zazingu-30.
Eziteshini zamaphoyisa ezihambe phambili ngamacala okubulala kuleli, kwezaseKZN kungene iziteshi ezintathu. INanda ilale indawo yesine. Okusho ukuthi ihamba phambili eKZN ngokubulawa kwabantu. Kukhuphuke ngo-3% ukubulawa kwabantu eNanda.
UMlaza ulale indawo yesikhombisa, yize kulokhu wehlile ngesibalo sabantu ababulewe, ngo-2017/2018 babengu-223, kulokhu 2018/2019 babe ngu-180. Kunomehluko wabantu abangu-43.
I-Plessislaer eMgungundlovu yalala indawo yesishiyagalolunye, kwababulewe.
Emacaleni okudlwengula iNanda iphume phambili kuzo zonke iziteshi, ngo-16.7%, kwalandela uMlaza ngo-3.8%. IMpangeni iphume indawo yesishiyagalolunye kwiziteshi ezingu-10 ezihamba phambili ngamacala okudlwengula kuleli.
Isiteshi samaphoyisa iDurban Central, esibhekelela izindawo ezimaphakathi nedolobha iTheku, sihamba phambili ngamacala okudunwa kwezimoto nezithuthuthu eNingizimu Afrika, ngo-19%. Ukudunwa kwezimoto nezithuthuthu kusuke ku-622 ngonyaka ka-2017/18 kwanyukela ku-666 ngo-2019/19.
Iziteshi zamaphoyisa eziseThekwini, iBerea noMbilo zifakwe ohlwini lweziteshi ezinhlanu ezihamba phambili ngokubikwa kwamacala okudunwa kwezimoto nezithuthuthu eNingizimu Africa. IBerea ehleli kwinombolo yesine, inyukelwe ukubikwa kwamacala okudunwa kwezimoto nezithuthuthu esuka ku-551 aya ku-591.
Anyukele ku-540 amacala okudunwa kwezimoto nezithuthuthu esiteshini saseMbilo, esibekwe endaweni yesihlanu, njengoba kade esuka ku-497.
Iziteshi zamaphoyisa ezintathu zaKwaZulu-Natal okuyiMariannhill, uMlaza naKwaMashu zifakiwe ohlwini lweziteshi ezingu-30 ezihamba phambili ngokwebiwa kwezimoto eNingizimu Afrika.
UMlaza usendaweni yesishiyagalolunye ngokwebiwa kwezimoto njengoba zingu-147 izimoto ezidunwe khona.
Izibalo zokwebiwa kwezimoto eMlaza zehle ngo-3 njengoba ngonyaka odlule kubikwe amacala angu-150.
EMariannhill, kubikwe izimoto ezingu-134 ezintshontshiwe, kwakhuphuka ku-80 wamacala ayebikwe ngonyaka ka-2018. KwaMashu E kubikwe izimoto ezingu-129 ezintshontshiwe, okudlule * -84 owawubikwe ngonyaka ka-2018.
Umholi we-IFP kwezokuphepha eKZN uMnuz Blessed Gwala, uthe kuyashaqisa ukuthi iKZN ihamba phambili ngamacala abucayi okubalwa awokubulala nawokudlwengula.
Uthe udaba lokungalawulwa kwezibhamu ilona oluyinkinga enkulu eKZN, oluwumthelela ekubulaweni kwabantu.
“Uma uhulumeni engalawuli indaba yobugebengu, abantu bakulesi sifundazwe ngeke bawuthembe umthetho. Kuzomele kuthathwe izinyathelo ngokushesha ukuqeda lesi sihlava,” kusho uGwala.
IDA, ihambe emazwini afanayo, uNksz Sharon Hoosen uthe: “Kusho ukuthi cishe abantu abangu-12 babulawa zonke izinsuku e-KZN,
Lokhu kuchaza ukuthi amaphoyisa ase-KZN ayehlulwa wubugebengu, lokhu kusho ukuthi abaphephile abantu base-KZN. Kumele kuqiniswe ezokuphepha.