INYUKILE imali eyabelwe ezemfundo nokuqeqeshwa kulo nyaka-zimali ka- 2021/2022 uma kuqhathaniswa nesangowedlule.
Ezemfundo zabelwe u- R402.9 billion, okhuphuke ngo- R6.9 billion kweyonyaka-zimali ka- 2020/2021.
Ngesikhathi ethula isabelo-mali, uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni ugcizelele ukuthi uhulumeni uzoqhubeka nokuxhasa izitshudeni ezintulayo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ngokwalesi sabelo, isikhwama esibhekele ukuxhasa izitshudeni, i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS), sizothola u- R37.3 billion.
UMnyango weMfundo eyisiSekelo ubekelwe u- R255.1 billion. UMboweni uthe imali engu- R 678. 3 million ibekelwe iminyango owezokuThuthukiswa koMphakathi nowezeMfundo ezifundazweni ukuthi iqhubeke nohlelo lokuhanjiswa kwamaqakelo amahhala ezikoleni ezinezingane zamantombazane eziphuma emakhaya antulayo.
U- R45.6 billion uzobhekela amanyuvesi, u- R21. 3 billion ubhekele ukuphuculwa kwamakhono ezikhungweni zemfundo ephakeme bese kuthi u- R13 billion ufakwe ezikhungweni ezicija ngamakhono omsebenzi wezandla. Imali engu- R19.6 billion ibhekele ezokuphatha kwezemfundo.