KUBE nenhlokomo enkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo kulandela ukunqatshwa kwesicelo sebheyili ebesifakwe ikhansela nelisolwa nabo ngecala lokubulala elinye ikhansela.
IMantshi uMnuz Thulani Mbuyazi usichithile isicelo sebheyili wathi azikho izimo abazivezile eziqinile ezingenza inkantolo ibadedele futhi ubufakazi bombuso ngokuthinteka kwabo kuleli cala buqinile kakhulu.
Icala libe selihlehliselwa u-Ephreli 2 nonyaka.
Ikhansela laku-ward 80 uMnuz Mthokozisi Nojiyeza, uMnuz Phumlani Nojiyeza noMnuz Nkosinathi Mbambo babhekene necala lokuhlela itulo lokubulala nelokubulala ikhansela laku-ward-88 uMnuz Sibusiso “Bhabhane” Maphumulo ngo-Okthoba ngonyaka odlule.
IMantshi ithula isinqumo ngesicelo sebheyili ithe: "Inkantolo ithole ukuthi umbuso unecala eliqinile elibhekiswe kubasolwa. Abameli babasolwa bahlulekile ukuveza ukuthi iziphi izizathu abachitha ngazo icala lombuso. Abasolwa baphinde bahluleka ukuveza izizathu ezinqala ezingenza inkantolo ibone befanele ukunikezwa ibheyili. Leli cala ngokubona kwenkantolo lithinta ipolitiki, umphakathi ufuna ukwazi ukuthi liphethwe ngendlela yini nokuthi usengazithemba yini izinkantolo. Inkantolo iyasinqaba isicelo senu sebheyili.”
UNojiyeza uvele wajuluka wamanzi ngesikhathi kuphuma lesi sinqumo.
UMbuyazi ngaphambi kokuba aqale ukuthula isinqumo ngebheyili uxolisile ngokungasigcini isikhathi abethembise ukuqala ngaso.
Lesi sinqumo bekumele silalelwe ngo-11:30 kodwa wakuhlehlisela * -1 ntambama.
Ngaphandle kwenkantolo bekugcwele amalungu e-ANC nomphakathi.
Unkosikazi kamufi uNkk Sthembile Maphumulo, uMaShabane uchiphize izinyembezi enkantolo ngesikhathi abasolwa benqatshelwa ibheyili.
Ngaphandle kwenkantolo ubeduduzwa amalungu omndeni wakhe athe ajabule kakhulu ngesinqumo senkantolo.
Unina omncane kamufi uNkk Thembi Hadebe uthe bazizwa bephephile njengoba abasolwa begcinwe ezitokisini.
“Siyajabula kakhulu, kwenzeke ebesikufuna ukuba bengayitholi ibheyili. Emzini kamufi izingane bese zihlala ngokuthuka, zingazi noma zizohlaselwa yini. Sizoke silale siphumule sazi ukuthi abasolwa basejele, balinde ukuqula icala. Kuba buhlungu kakhulu ukuthi uma ngidlalalisa ingane kamufi engamazi uyise nengingazi ukuthi siyoyichazela kanjani lento,” kusho uNkk Hadebe.
Umndeni kaNojiyeza ucelwa ukuphawula, bathe basematasa basaxoxa njengomndeni bazobuyela kwabezindaba.
Ngaphandle kwenkantolo bekunenhlokomo kuculwa nezingoma zomzabalazo.
UNksz Sbongile Khathi oyisikhulu se-ANC ekhuluma namalungu omphakathi uthe bayawuhlonipha umthetho wakuleli futhi bakholelwa ukuthi ukubulawa kukaMaphumulo akudalwanga ipolitiki kodwa izigebengu ezingosomathuba ezambulala.
Umbuso uthe usaqhubeka nophenyo futhi kunabanye abasolwa okulindeleke ukuba baboshwe.