OWESILISA oneminyaka engu-47 ubudala oyisikhulu ehhovisi likaMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi ophikweni lwaseLimpopo, ufake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseDzanani.
Image: SIGCINIWE
OWESILISA oneminyaka engu-47 ubudala oyisikhulu ehhovisi likaMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi ophikweni lwaseLimpopo, ufake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseDzanani.
Ummangalelwa ubhekene namacala angu-10 okudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 kusukela ngo-2022. Amagama esisulu nomangalelwa afihliwe ukuze kugwenywe ukuhlukunyezwa kwesisulu.
Ummangalelwa waboshwa mhlaka-29 Ephreli 2025 ngemuva kokuba ingane ibikele unina ukuthi iyadlwengulwa, kusukela ngo-2022 ineminyaka engu-13 ubudala. Lesi sigameko sakamuva simenze wabikela umama owabe esebikela umalume udaba lwabikelwa esiteshini samaphoyisa eDzanani waboshwa umsolwa.
Ngesikhathi sokwahlulela, inkantolo iphawule ukuthi, “umbuso unecala eliqinile, futhi maningi amathuba okuthi ummangalelwa aphazamise ofakazi bombuso futhi nokuphepha kommangalelwa akuqinisekisiwe uma engahle abulele emphakathini. Kungumsebenzi kammangalelwa ukuvezela inkantolo ukuthi kunezizathu ezikhethekile nokuthi kulungele ezobulungiswa ukukhululwa kwakhe ngebheyili.”
Inkantolo ithole ukuthi umfakisicelo wehlulekile ukukhombisa ukuthi kunezimo ezibalulekile ezingenza adedelwe ngebheyili. Inkantolo yabe isichitha isicelo sakhe sokuthi akhululwe ngebheyili.
Icala lihlehliselwe umhlaka-25 Juni 2025 ukuze kuqhutshekwe nophenyo kanti ummangalelwa usagqunywe esitokisini.