ISILO uMisuzulu kaZwelithini sithi kunengozi yokuthi iCovid-19 iqede ngokugujwa nokugcinwa kwamasiko esizwe ngoba kunzima ukuhlangana, okuyinto okufanele isukunyelwe ukuze lingashabalali isiko. OkaBhejane ubekhuluma kugujwa uMkhosi woMhlanga esigodlweni eNyokeni ngoMgqibelo. ISilo besimeme izintombi eziyiqeqebana ngenxa yokuhlonipha imigomo yeCovid -19. Okokuqala kulo nyaka iSilo uMisuzulu sisingatha umgubho selokhu kukhotheme uyise ekuqaleni konyaka.
Ongangezwe lakhe ubeyala amatshitshi abekhethiwe ukuya kulo mkhosi waminyaka yonke.
IMbube ithe njengoba kuxake iCovid-19 kunzima ukuthi uZulu uhlangane kodwa kufanele kube namaqhinga amasha okubhekana nesimo.
“Kufanele sibone ukuthi simisa kanjani, nohulumeni sizoxoxa naye kube nendlela esenza ngayo. Kufanele sizifundise ukuphila naso lesi sifo nina beSilo ngoba ngibona sengathi sisekhona asiyi ndawo,’ kusho iMbube.
Ukhale ngezibalo zabahaqwe yiCovid-19 ezidla amagalane KwaZulu-Natal, wathi kufanele zehle.
“Ngizogubha usuku lokuzalwa ngoSeptember 24 ngosuku lweLembe. Kwaqondana nje, kuyimfihlo nami angiyazi. Ngifisa ngalolu suku ukuthi ngithole isipho kube wukwehla kwezibalo noma silale sibe ngabesihlanu ezifundazweni. Ngiyacela sibambisane singavumi ukuthi isifo sidlale ngathi,’’ kusho iNgonyama.