YIZE isibalo sabalandeli balowo obengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma sisincane kakhulu namhlanje ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kodwa amaphoyisa asiqaphe ngelokhozi isimo.
Ngaphandle kwasenkantolo bekukhona isigejana sabalandeli bakaZuma abangaphansi ngisho kuka-500.
Lesi isibalo esincane kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izinsuku uma lo mholi esuke evela enkantolo.
Omunye wabadidiyeli babalandeli baZuma, uMfundisi Vusi Dube uthe isizathu esidale ukuthi abantu babe bancane ukuthi amabhasi asuka kude awekho.
"Sithathe isinqumo sokuthi amabhasi asuka kude abuye ngosuku lokugcina lokulalelwa kwecala ngoLwesihlanu," kusho uDube.
Bekuthule njengoba namakhaza kade eshubisa umkhantsha eMgungundlovu. Ngakolunye uhlangothi, omakadebona boMkhonto weSizwe bona bebezifudumeza ngokugxoba itoyitoyi ngesikhathi abanye abalandeli bona bembathe amabhayi ombutho.
Namuhla usuku lwesibili lokulalelwa kwesicelo sikaZuma nenkampani yezikhali yaseFrance iThales. UZuma neThales bafuna ukuthi leli cala lichithwe ngoba selidonse isikhathi eside.
Ummeli weThales, u-Adv Anton Katz okunguye obethula ubufakazi utshele inkantolo ukuthi abubanga khona ubulungiswa kwisinqumo salowo owayeyiNhloko yoPhiko lwezokushushisa, u-Adv Shaun Abrahams sokuvusa lawa macala.
Uthe ukuthatha isikhathi eside sokuthi amacala avuswe kukhombisa ngokusobala ukuthi lesi sinqumo sasingekho emthethweni.
"OwayeyiNhloko yoPhiko lwezokuShushisa u-Adv Mokotedi Mpshe wathatha isinqumo sokuthi awahoxise lawa macala ngo-2009, kwathi ngemuva kweminyaka eyisishiyalolunye amacala abe eseyavuswa," kusho uKatz.
Elinye lamajaji alalele icala, u-Ester Steyn lithe u-Abrahams wayenawo amandla okuvusa lawa macala njengeNhloko yezokushushisa ngaleso sikhathi ngemuva kwesinqumo seNkantolo yokudluliswa kwamacala eyanquma ukuthi isinqumo sikaMpshe sasingekho emthethweni.