USFUNDO Bhengu (ophambili) noBongani Jali (ongemuva) abagwetshwe udilikajele ngecala lokubulala umfundi, uWandile Ngcobo
Image: Nomonde Zondi
UBONGE ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa kanjalo noMbuso uyise womfundi waseDurban Girls Secondary, owabulawa ngesihluku nyakenye, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, idedela isigwebo esinzima kwabesilisa ababili abalahlwe yicala.
UWandile Ngcobo (17) wagwazwa wabulawa ekhaya kubo kwa-U eMlaza, ngoMeyi, ngonyaka odlule.
Ngaleli cala, kwaboshwa umakhelwane wakhe, uSfundo Bhengu (40) nomngani wakhe uBongani Jali (28).
Owabulawa ngesihluku, uWandile Ngcobo
Image: Supplied
IJaji uGarth Harrison libagwebe udilikajele ngecala lokubulala abanecala.
Kwelokubamba inkunzi kusetshenziswa indlakadla, uBhengu ugixabezwe iminyaka ewu-20, uJali wanikwa ewu-15.
Izigwebo zabo bazozidonsa kanye kanye.
Uyise kamufi, uMnuz Mondli Ngcobo, uthe yize indodakazi yakhe ingeke isavuka kodwa ugculisekile ngesigwebo esinikwe laba ababili.
UNgcobo uthe umshushisi woMbuso, u-Advocate Krishen Shah nomphenyi wecala, uSergeant Mndeni Mzila, baqinisekisile ukuthi ubulungiswa buyenzeka.
“UMzila usebenze ngokuzinikela kuleli cala, besifuna ukuthobeka amanxeba, lokho kwenzekile,” kusho uNgcobo.
Nokho uthe uphoxekile ngelokuthi abalahlwe yicala bagcina bephunyukile kwelokudlwengula indodakazi yakhe ngaphambi kokuyibulala.
Kuthiwa ngesikhathi uMzila eqala ephenya icala, kwase kwedlule isikhathi, umufi wayesengcwatshiwe.
Uveze ukuthi isidumbu sikamufi sonakala ngesikhathi sihleli emakhazeni kahulumeni ngakho odokotela ababange besakwazi ukuhlola ukuthi wayedlwenguliwe.
Emva kokudedelwa kwesigwebo, ummeli kaJali, uMnuz Phumelele Daniso, utshele inkantolo ukuthi uJali umyalele ukuthi ukuthi afake isicelo sokudlulisa isigwebo, wathi udilikajele uwuswazi olukhulu kuyena.
Uthe nakuba uJali wayekhona ngesikhathi kuhlelwa icala lokweba, elagcine lenzeka ngempumelelo njengoba izimpahla zagcina zidayiswa kodwa akazange amgwaze umufi.
“Lapho inkantolo ilahleke khona isekutheni, bekufanele ibhekisise ukuthi umuntu ngamunye wenzani kahle hle esigamekweni,” kusho uDaniso.
Uthe inkantolo ibagwebe ngelithi benza icala ngenhloso eyodwa, wathi enye inkantolo ibingamgweba ngendlela ehlukile uJali.
UHarrison uthe ukuze inkantolo igudluke esinqumweni sayo, kufanele kube nezimo ezibalulekile nezicindezelayo.
Ubuze uDaniso ukuthi lokhu akushoyo ukusho ngoba uJali engazange wamgwaza umufi, waphendula ngethi impela.
UHarrison uthe lokhu okuphakanyiswa uDaniso ukubhekile ngesikhathi ekhipha isigwebo.
“Ngikubhekile konke lokhu ngaleso sikhathi futhi ngakuchitha. Imvume yokudlulisa isicelo sokudlulisa eyesigwebo iyachithwa,” kusho uHarrison.
Ngosuku lwesigameko, laba ababili kuthiwa bangena kwaNgcobo ngenhloso yokokweba ithelevishini ukuze bayidayise bese bethenga izidakamizwa, bazibheme.
Kuthiwa bahamba bayongena endaweni yesigameko, beba ithelevishini, iselula kamufi, ubhakha kamufi wePuma ne-decoder ye-DSTV.
Isidumbu sikamufi satholwa siboshwe nge-pantyhose emlonyeni, ezinyaweni nasezandleni.
Kuqhume umkikizo ngesikhathi laba begwetshwa njengoba le nkantolo ibihlale igcwele uma kuqulwa leli cala.
Bekubakhona ngisho nabamaqembu ahlukene ezepolitiki njalo uma liqhubeka.