BEKUSAGCWELE igazi phansi okukholakala ukuthi ngelikamsolwa okuthiwa ugencwe ngesikhathi ezama ukubhudubeza isalukazi, eSonkombo, eNdwedwe, ngoLwesihlanu ebusuku Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA
SIKHULEKELA ukuthi aphume ngebhokisi esibhedlela isalukazi, umsolwa okuthiwa simhlahlele ikhanda ngocelemba ngesikhathi esibhudubeza ezama ukusidlwengula, eSonkombo, eNdwedwe, ngoLwesihlanu ebusuku.
Umgilwa ona-62 (igama lakhe eligodliwe ukumvikela), kuthiwa ubehlala yedwa emzini wendodana kamfowabo awugadile, ngesikhathi ehlaselwa wumsolwa oneminyaka engu-42 okuvele ukuthi ungeniswe kukubi esibhedlela.
Elandisa ngokwenzekile, umgilwa uthe bekungabo-9 ebusuku kuhambe ugesi, ngesikhathi ezwa izwi lowesilisa ecela ukuvulelwa.
“Ngizwe isango lensimbi emnyango likhala sengathi kuyagqekezwa okuthe emva kwesikhashana, ngezwa esekhahlela isicabha segumbi engilala kulo wagulukudela. Uthe angithule du ngingamemezi, waqala wangixhimfa ngesibhakela,” usho kanje.
Uthe umfune imali walandula, wasembuza ukuthi isikhwama sayo usibekephi?
“Ngimnikezile isikhwama singenalutho wangishaya kakhulu engiklinya, ngaxolisa ngithi ngizomnika uma sengihole impesheni yami. Ngesikhathi kubuya ugesi, uthe angimkhombise ukuthi isigubhu sikagesi singakuphi ukuze ehlise amaswishi kube mnyama umuzi wonke, wangiqhuba ngiyomkhobisa kwelinye igumbi.
“Ngesikhathi sibuya, uzame ukukhiya izinsimbi zomnyango, ngenhlanhla ngemva kwami bekukhona ucelemba obuncikiswe ngabafana ebengibacele emini ukuthi bangigawulele izingodo zocingo lokweneka izingubo,” kulandisa umgilwa.
Uthe umgence ngawo kanye ekhanda, kodwa umsolwa waphenduka wazama ukumphuca wona, kwasiza ukuthi umgilwa awutshinge kude ngesikhathi besabambene.
“Angiwazi amandla angaka ukuthi ngiwathathephi okubambana nensizwa engakaya pho! Ngiyambonga uNkulunkulu. Ukuwulahla kude bengithi ngenzela ukuthi azame ayowuthatha bese ngithola ithuba lokubaleka kodwa uqhubekile wangiklinya. Ubengiklanula ngedolo amathanga ethi angikhumule iphenti. Ngesikhathi sibambene, ngibone ummese enqulwini yakhe ngawudonsa ngawutshinga nawo ngoba bengibona kahle ukuthi uzonginquma ngawo,” kuchaza umgilwa.
Uthe usindele ukufika kwabafana bakamakhelwane abamzwile ememeza ekhala, okuthe uma bekhuluma emnyango bethi akaphume, kwayikhathi emyeka waphuma kodwa wafike wawela phambi komnyango (umsolwa) ephelelwa amandla.
Kuthiwa ngesikhathi kusahlengwa umgilwa obesengenwe ngamakhaza, umsolwa uvuke wabaleka.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa, uthe lo mlisa ubaleke wayobhaca kubo kwentombi khona endaweni, wafike wabakhohlisa ethi ulinyazwe ngabantu ahlangane nabo. Kuthe ngesikhathi bezwa ukuthi wenzeni, bamxosha wadlulela kubo okuyilapho eficwe khona ngamaphoyisa esahlengwa ngabosizo oluphuthumayo, kwaba ukuboshwa kwakhe.
Omunye womakhelwane okhulume neSolezwe naye ongathandanga ukudalulwa, uveze ukuthi umsolwa ungumuntu osatshwayo endaweni njengoba ubesanda kuphuma ejele ngamanye amacala okukhona kuwo nawokudlwengula.
Umholi emphakathini, uMnuz Bongani Luthuli, uthe nguyena obizele umsolwa i-ambulensi ngoba ubebona ukuthi uphelelwa ngamandla futhi emvikela olakeni lamalungu omphakathi, kodwa umsolwa waphulukundlela wabaleka njengoba eze watholakala kubo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe umsolwa uvulelwe icala lokugqekeza, elokuzama ukudlwengula nelokushaya ngenhloso yokulimaza aphenywa esiteshini samaphoyisa eNdwedwe. Umsolwa usasesibhedlela ngaphansi kweso lwamaphoyisa.
Uthe alikho icala elivulelwe isalukazi.