UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubuyise ithemba izolo ememezela izinhlelo zokufukula umnotho wezwe, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi nokwelulwa kwesikhathi sokuholelwa kwabangasebenzi isibonelelo.
URamaphosa ekhuluma ePhalamende izolo ntambama, uthe isibonelelo sabangasebenzi sikaR350 sizolulwa ngezinyanga ezintathu.
Lesi sibonelelo sasihlelelwe ukuthi sehlise ingcindezi kwabangasebenzi ngesikhathi seCovid-19 kanti bekumele siholwe okokugcina kule nyanga.
Sesizoholwa kuze kube wuJanuwari wonyaka ozayo.
“Abantu bebenginxenxa bephakamisa izinto eziningi ngalesi sibonelelo yingakho sinqume ukuthi selule isikhathi sokuholwa kwaso ngezinyanga ezintathu. Kubalulekile ukuthi seseke abantu abahluphekayo.”
Akazange asho lutho mayelana nokuthi siholwe unomphela lesi sibonelelo njengoba kunesiphakamiso esisho njalo noma kunyuswe imali yaso.
URamaphosa uthe umnotho wakuleli ukhahlamezeke kakhulu ngesikhathi kuhlasele iCorona okuholele ekutheni abantu abangu-2 million balahlekelwe yimisebenzi, umnotho wehla ngo-16.4% ngekota yesibili uma uqhathaniswa nangesikhathi esifanayo nyakenye.
Uthe lokhu kwenziwe wukuthi uhulumeni wamisa ukwenziwa kwezinto eziningi ezihambisana nokuthi leli lizwe belibekwe esigabeni senhlekelele.
“Ukumiswa kokwenziwa kwezinto eziningi kuleli kusize ekutheni leli gciwane lingasabalali kakhulu. NgoJulayi izinkomba zazithe lizosabalala kakhulu ngawo. Njengamanje seyixegisiwe imithetho kodwa isimo asikakabuyeli esimeni nalo leli gciwane alikapheli, lisekhona. Ukukhushulwa kwezibonelelo nesibonelelo sabangasebenzi kuholele ekutheni abantu abangu-5 million bangabulawa yindlala,” kusho yena.
Ngokohlelo lomnyango wezemisebenzi obelwenzelwe ukuthi lunciphise ukucindezeleka kubasebenzi abebengasebenzi ngendlela eyejwayelekile, uthe bangu-4 million abahlomule kulo bakhokhelwa uR49 million obuphuma kwi-UIF.
Uthe zingu-960 000 izinkampani ezihlomule ngaphansi kohlelo kanti zibuye zahlomula nakwezinye izihlelo ezinjengokwehliswa kwentela.
Uthe uhulumeni ngokubambisana nezinhlaka zezomnotho baqhamuke namasu okuvuselela umnotho ukuze kuvuleleke amathuba omsebenzi angu- 800 000.
Kula masu uthe kukhona awokuhlela kabusha izinhlelo zikagesi, ukwakhiwa kwezinhlelo zengqalasizinda okuzoqhubeka iminyaka emine. Kulezo zinhlelo kuzoqashwa abantu abaningi abangasebenzi.
“Ngasekupheleni kukaJuni bese sinezinhlelo ezingu-276 eseziqaliwe, kuzo okutshalwe uR2.3 trillion. Ngaphezu kwalokho kunezinye izihlelo ezingu-50 eziqalwe ngoJulayi nezingu-12 esezishicilelwe emqulwini kahulumeni ukuze ziqalwe ezifundazweni ezahlukene. Lezi zinhlelo ziyasheshiswa ukuze kuvuleke amathuba omsebenzi.”
Olunye uhlelo olukhona lokuvuselela umnotho, uthe ngolokuthuthukisa imikhiqizo yakuleli ebese ifadabele kuphinde kuthuthukiswe nezimboni nokukhucululwa kwenkohlakalo.
Ngokohlelo olwenziwe wumgcinimafa, lezi zinhlelo zizoholela ekutheni umnotho ukhule ngo-3% eminyakeni engu-10. Ezinye zezinhlelo ezizoqasha abantu seziqalile, uthe ngezokwakhiwa kwezindlu okubalwa ukwakhiwa kwezindlu eMatlosana N2 eseNorth West, iLufhereng eseGauteng, iGreater Cornubia eKwaZulu-Natal neVista Park eseFree State. Kuzo uthe kutshalwe uR44 billion.
Ubalule nokuthi kuzoba namathuba omsebenzi angu-300 000 entsheni ezosebenza isize othisha ezikoleni ukuze bagxile ekufundiseni.
“Kuzokwakhiwa imisebenzi engaphezu kuka-60 000 ekwakhiweni kwengqalasizinda zomasipala. Kwezempilo sizokwengeza abasebenza emphakathini nabasizi babahlengikazi abangu-6000 ezweni lonke njengoba kuzoqala iNational Health Insurance. Sisiza abalimi abasafufusa abangu-75 000 kanjalo nabafundisa odado abangu-100 000.”
Okunye uRamaphosa athe kumele kusheshiswe ngukugunyaza kwabakhiqizi abazimele bagesi kuphinde kube nohlelo lokuthi kukhiqizwe ugesi othe xaxa athe kuzokwenzeka ngo-2022. Amaqembu aphikisayo asamukele isinqumo sokwelula isibonelelo sabangasebenzi.