SESIPHINDE sagqemeka engeqiwa ntwala isizwe samaZulu kukhothama ibamba bukhosi iNdlovukazi Mantfombi Dlamini Zulu.
Lezi zindaba ziqinisekiswe nguNdunankulu kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi ngoLwesine ebusuku.
“Kusiphethe kabi kakhulu ukunazisa ngokudlula emhlabeni obekungalindelekile kweNdlovukazi yaseNdlunkulu uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, obeyibamba bukhosi eSizweni samaZulu.
“Sishaqekile kakhulu ngalezi zindaba. Yiqiniso ukuthi uNkulunkulu kuphela owazi izinsuku asibekele zona emhlabeni,” kusho uButhelezi.
Uthe nakuba isizwe samaZulu sibhekene nefu elimnyama bazoqinisekisa ukuthi bukhona ubuholi obukhona ngalesi sikhathi.
Ayikacaci imininingwane ethinta ukufihlwa kukaNdlunkulu uMantfombi.
INdlovukazi Mantfombi Dlamini Zulu, nguNdlunkulu wesithathu weSilo esikhotheme, uZwelithini kaBhekuzulu. Wazalwa ngo-1956 ebukhosini baseSwatini. Uzalwa inkosi Sobhuza II. Umfowabo yinkosi ebusayo eSwatini, uMswati III.