Izindaba

SIGOQA ISONTO: Izimpunyela zaseKZN zibambe ufishi omkhulu

Nonkululeko Nhlapo|Published

ISIZEKHAYA Holdings okuyinkampani yezimpunyela zaseKZN uMoses Tembe noSandile Zungu iyona ezolawula iLotto

Image: Sihle Mlambo/IOL

SIMANGAZE abaningi isinqumo sikaNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, uParks Tau, sokuqoka umfelandawonye oholwa ngosomabhizinisi baKwaZulu-Natal uMoses Tembe kanye noSandile Zungu njengophumelele ukuthola ilayisensi yeminyaka eyisishiyagalombili yokusebenzisa iLotto kazwelonke yaseNingizimu Afrika.

Esenza isimemezelo ngosuku olunqunywe yinkantolo, uTau uthe ngoLwesibili ubehlose ukumemezela umuntu ophumelele amathenda ngalolo suku, inqobo nje uma izingxoxo zesivumelwano selayisensi ziphothulwa ngempumelelo.

Kodwa-ke, uTau uphinde wathi uzofuna izeluleko zomthetho ukuze adlulise isinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli kanye nemiyalelo ephoqe isandla sakhe ukuthi senze lesi simemezelo.

"Ngenhlonipho efanele eNkantolo eNkulu ehloniphekile, isimemezelo sami sifeza ukuzibophezela kwami ​​kwabafake izicelo kanye neNkantolo ngaphambi kokulalelwa kwesicelo. Lokhu kuphetha inqubo ende neyinselelo yokuhlola izicelo eziyisishiyagalombili zelayisensi yesine. Ngiyabonga ukuthi lokhu kube wumzamo omkhulu futhi onzima," kusho uTau.

Njengamanje iNational Lottery iphethwe yi-Ithuba Holdings, ilayisensi yayo ephelelwa yisikhathi ngoMeyi 31. Ngenxa yokubambezeleka kokumenyezelwa kophumelele, ilayisensi yesikhashana enikezwe Ithuba Lottery, inkampani enguzakwabo we-Ithuba Holdings, izoqala ukusebenza ngoJuni 1. Ngemuva kwalokho, iSizekhaya kulindeleke ukuthi iqale ukusebenza iminyaka eyisishiyagalombili.

UTau akakucacisanga ukuthi ilayisensi yeSizekhaya izoqala nini.

Ephendula ngokuqokwa kwenkampani yakhe uTembe utshele iphephandaba iThe Mercury ukuthi, "NjengoSihlalo weSizekhaya, ngingaqinisekisa ukuthi sizosebenzisa leli thuba ukukhiqiza amathuba emisebenzi futhi sifukule umnotho. Siyaqinisekisa ukuthi i-SA Lottery izoba nkulu, ibe ngcono futhi ijabulise. Siletha ubuchwepheshe obungcono kakhulu obungakaze bubonwe ezweni lethu."

UTembe ungusomabhizinisi owaziwayo, wasungula iBellamont Investments kanye neBellamont Group of Companies ngeminyaka yawo-1990. Leli yiqoqo lezinkampani embonini yokuthuthukiswa kwezakhiwo mokwakha (I-Afrostructures), I-Industrial Holdings, ehlanganisa uphawu lwe-Geochem kanye ne-IFS Facilities Management, Energy and Telecommunications, Mining, Gaming, kanye Nokuphathwa Kwempahla.

UZungu ungusomabhizinisi owaziwayo, kanti elinye libhizinisi lakhe eligqamile Amazulu Football Club. Ngo-2002, kwasungulwa iZungu Investments Company (Zico). I-Zico iyinhlangano yezezimboni ezihlukahlukene ezihlanganisa imfundo, ukukhiqiza, impahla, ezemidlalo, i-forensics, nezinsiza.