IKHUZE ibhadi inkabi evume icala lokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, abaholi be-ANC KwaZulu-Natal, becela ukuthi inikezwe isigwebo esiqinile ngoba bethi isenzo sasusa udlame lwezepolitiki.
USibusiso Ncengwa uthe abaholi be-ANC kufanele bazinuke amakhwapha ngoba obhongoza etulweni lokusocongwa kukaMagaqa, babenezikhundla kule nhlangano ngesikhathi bekhipha umyalelo wokuba kusocongwe uMagaqa.
Ukusho lokhu ngesikhathi kulalelwe izethulo zokuthi kungani kufanele axegiselwe isigwebo.
UNcengwa ubevele phambi kweNkantolo eNkulu eMgungundlovu, izolo.
Ngesikhathi kulalelwe izethulo, ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal buthe ukubulawa kukaMagaqa kwasusa udlame enhlanganweni.
Isitatimende se-ANC KwaZulu-Natal esibhalwe yilungu lethimba lesikhashana, uMnuz Kwazi Mshengu, sithe ukubulawa kukaMagaqa kwenza ukuthi amalungu enhlangano anukane wodwa.
"Ukushona kwakhe kwaqhatha abaholi be-ANC. Kwasolwa abaholi abathile kuthiwa ibona abasoconge uMagaqa. Kwalimala isithunzi se-ANC. Abantu abaningi bathuka, base besaba ngisho ukujoyina i-ANC. I-ANC yagcina isiyaziwa njengenhlangano yababulali."
UMshengu uthe ukubulawa kukaMagaqa kanye nabanye osopolitiki, kwenza ukuba kuqalwe ikhomishini eyayiphenya ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
"IKwaZulu-Natal yagcina isidume kabi."
UMshengu unxuse ukuba uNcengwa anikezwe isigwebo esiqinile.
Ummeli kaNcengwa, u-Advocate Andrew Matlamela, uthe akufanele abaholi be-ANC bagijimele ukugxeka uNcengwa.
"Obhongoza ekubulaweni kukaMagaqa abantu be-ANC. Obhongoza babephethe izikhundla ezinkulu eMzimkhulu. Into i-ANC okufanele iyenze, ukuthi ihambe iyoxolisa emndenini wakwaMagaqa. Kufanele baxolisele ukuthi uMagaqa wabulawa abantu be-ANC. UNcengwa ukhombisile ukuzisola, waveza abantu ababemthumile waphinde waxolisa emndenini kaMagaqa."
Amalungu e-ANCYL abebhikisha ngaphandle kwenkantolo lapho ememezele khona ukuba uNcengwa anikezwe isigwebo esiqinile.
UMengameli we-ANCYL uMnuz Collen Malatji, uthe obhongoza abakhonjwe uNcengwa babengathunyiwe i-ANC.
"I-ANC akusiyona inhlangano yababulali. La bantu abakhipha umyalelo wokuba kubulawe uMagaqa babeziphathelwe ukukhohlakala kwabo."
UMalatji uthe bafuna ukuthi uNcengwa anikezwe udilikajele.
"Yebo, wenze kahle ngokuthi akhiphe abanye ayenabo kodwa lokho akusho ukuthi kufanele axegiselwe isigwebo. Wabulala umholi onohlonze. Ukuba kuya ngathi ngabe uyabulawa naye. Kodwa ke ngoba siyayihlonipha ingalo yomthetho, sizokhulekela ukuthi inkantolo imnikeze isigwebo esiqinile."
Umfowabo kaMagaqa, uMnuz Lwazi Magaqa, uthe impilo inzima ngaphandle komfowabo.
Uthe umama wabo uvele ahlengezele izinyembezi uma ebona ezindabeni kukhulunywa ngoMagaqa.