Izindaba

Sichiwe isicelo sokukhishwa koNyazilwezulu eBuhleni

Thokozani Ndlovu|Published

UMHOLI wamaNazaretha, inkosi Phinda ‘Ukukhanyakwelanga’ Shembe okuchithwe isicelo sakhe sokugudluza uNyazi enkantolo Isithombe: SIGCINIWE

SICHITHWE nezindleko isicelo sokukhipha umholi wamaNazaretha, inkosi Mduduzi ‘Unyazilwezulu’ Shembe ebesifakwe wumholi webandla lakwaShembe owavunwa yinkantolo ukuhola ibandla, inkosi Phinda ‘Ukukhanyakwelanga’ Shembe.

Inkantolo eNkulu yaseThekwini ikhiphe lesi sinqumo ebese sinesikhathi silindiwe.

Ummeli woKukhanyakwelanga, uMnuz Trevor Nkosi uthe azikho izizathu ezibambekayo ngokuchithwa kwesicelo sabo enkantolo.

“Kuvele kwathiwa isicelo sethu siyachithwa kwangakhishwa zizathu ukuthi kungani sichithwa. Kuthiwe zombili izinhlangothi zizozikhokhela zona izindleko zecala, kwaphela kanjalo,” kusho uNkosi.

Uthe noma bengakazitholi izizathu zokuchithwa kwesicelo sabo, basezinhlelweni zokufaka isicelo sokubuyekezwa kwalesi sinqumo.

Umthombo waleli phephandaba, uthe kuyaxaka okweziwe yinkantolo.

“Wonke umuntu usele nemibuzo ngoba akekho obelindele isinqumo salolu hlobo. Ngeke uwine icala kuzona zonke izinkantolo zaseNingizimu Afrika ukuthi uwena umholi ofanele bese kuchithwa isicelo sakho sokuthi inkantolo igudluze umuntu ohleli esihlalweni sakho ngokungemthetho. Kuyacaca nje ukuthi lesi sinqumo senziwe okwesikhashana kuze kube kudlula ukhetho laseNingizimu Afrika olungoMeyi ngoba abaholi basabheke ivoti kumaNazaretha. Kwakhona ukuthi zingabikhona izizathu kuyinkomba yokuthi kukhona okushaya amanzi. Nokuthi isinqumo sidonse kanje ukuthi sikhishwe bekuyizinkomba zakho ukuthi kunemizamo yokusibambezela,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela umholi wamaNazaretha Ukukhanyakwelanga, uMnuz Chance Sibisi ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Eselubamba akaphendulanga kodwa bekuzwakala abantu bekhuluma eceleni ukuthi basemhlanganweni oshubile.

Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe babonga amandla oNyazilwezulu ngalesi sinqumo.

“Inkosi uNyazi lugile izimanga njengoba engekho obezitshela ukuthi kuzophuma isinqumo salolu hlobo. Lokhu kuyinjabulo enkulu kuthina njengamaNazaretha ngaphansi kobuholi boNyazilwezulu. Lesi sinqumo siqondane kahle nokuthi kule nyanga yisikhumbuzo senkosi Inyangayezulu, esizongena maduze nje,” kusho uMncwabe.

UMHOLI waseThembezinhle inkosi Phinda Shembe uhlangothi lwayo oluphinde lwavunwa yiNkantolo yokuDluliswa kwamaCala eBloemfontein izolo