SEKUNENDIDA ngokudutshulwa kukasihlalo kasoseshini wamatekisi aseBhamshela okuthiwa uhlaselwe umlisa ongaziwa ehleli namanye amalungu kasoseshini.
Kuthiwa uMnuz Bhekukwenza Msomi (42) usesimeni esibucayi esibhedlela emuva kokudutshulwa ngumlisa ongaziwa ngoLwesithathu ntambama emuva kwehora lesithupha.
Lesi sehlo senzeka nje kusanda kushiswa izimoto zomndeni wakwaMakhanya nawo onezimoto ezincane netekisi okuthutha umphakathi.
Kuthiwa uMsomi ubebize umhlangano namalungu athile kasoseshini, behleli emotweni ngesikhathi kuqhamuka imoto emhlophe eyiToyota Corrola kwehla owesilisa wadubula ebhekise kuyena. Kuthiwa lo mlisa umdubule kanye wase ephinda ezama ukudubula elinye ilungu kodwa wahluleka wabaleka.
Ilungu likasoseshini elicele ukuthi igama lalo ligodlwe, lithe isimo simanzonzo kulo soseshini njengoba sekudutshulwe noMsomi.
Leli lungu eliphinde libe yilungu lomndeni wakwaMakhanya osanda kushishelwa izimoto lithe umfowabo, obenaye usihlalo naye usindile kulesi sehlo ngoba lo mlisa uzamile ukudubula ebhekise kuyena kodwa isibhamu sanxapha.
“Ngingasho nje ukuthi akuhlalekile kahle ngenxa yazo zonke lezi zigameko ezenzekayo. Okunye okuyinkinga ukuthi abantu abasolwa ngokushisa izimoto zasekhaya nabo basekubhaceni. Kwagcina ngokuthi kuboshwe oyedwa kodwa naye wadedelwa,” kusho leli lungu likasoseshini.
Usihlalo kasoseshini ongaphansi kweBhamshela Metered Taxi Association, uMnuz Muziwokubusa Dumakude, uthe abaqondi ukuthi yini eyenze ukuthi uMsomi ahlaselwe njengoba ethe bona nalo soseshini abaphansi kwawo basebenzisana kahle - akukho zinxushunxushu. Uthe bakholwa ukuthi lezi zigameko azihlobene neze nokusebenzisana kososeshini kodwa kungenzeka ukuthi kuthinta izingxabano eziseceleni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala emuva kokudutshulwa komlisa oneminyaka engu-42 eBhamshela.