SIBHUNTSHE amakholwa esesentabeni, isivumelwano sabaholi bebandla lakwaShembe ezinhlangothini, olwaseGinyezinye nolwaseThembezinhle, ebezikhuphuke ndawonye ukuyokhuleka entabeni iNhlangakazi ngoMsombuluko, obekuchazwe njengokokuqala emlandweni.
Kuthiwa kuphoqe ukuthi umholi wohlangothi oluseGinyezinye, inkosi uSizwe “Umudliwamafa” Shembe, akhiphe umyalelo wokuthi ibandla, lehle ngalo usuku (ngoMsombuluko), emva kokuthi kube nokungaboni ngasolinye phakathi kwababesingethe udaba lokwakhelwa kwamakhosi phezulu entabeni lapho ebezohlala khona.
Okhulumela ikomiti ebelihola izingxoxo eGinyezinye uMnuz Lindinkosi Ngcobo, uthe ukungavumelani nabamele uhlangothi lwaseThembezinhle kwaqala ngosuku olwalalundulela okwakuzokwenyukwa ngalo intaba, njengoba izinhlangothi ezimbili zaba nomhlangano eMgungundlovu, ukuyocaciselana ngesivumelwano sabaholi, owaseGinyezinye nenkosi uPhinda “Ukukhanyakwelanga” Shembe waseThembezinhle.
“Abamele abaseThembezinhle baveza iphuzu elisha elalingekho esivumelwaneni sabaholi. Bathi bayiphikisile inkosi yabo ukuthi ibonakale ebandleni nomholi waseGinyezinye. Bathi ingaqhubeka nokuhamba nomholi wethu kodwa bona njengoba kuyibona abakhokha izindleko zamacala enkantolo, ngeke bazihlanganise nalokho,“ kusho uNgcobo.
Uthe baveze ukuthi sebethole iziluleko kummeli webandla, oveze ukuthi nakuba kukuhle ukuhlangana kwabaholi ngokwenkolo, kepha lokhu kungase kubajikele ngelinye ilanga kuhumusheke njengokuthi umholi waseThembezinhle ubeyogcoba owaseGinyezinye.
Uthe amakholwa ngesikhathi efika entabeni, athole ukuthi indawo obekuvunyelwene ngokuthi izokwakha umholi waseGinyezinye, bese kwakhe owaseThembezinhle okuthe uma owaseGinyezinye emzama ocingweni ukudingida lolu daba, kuthiwa ucingo lwakhe bese luvaliwe.
UMnuz Nkululeko Mthethwa wohlangothi lwaseThembezinhle uvumile ukuthi kube khona ukushayisana kwemibono kwabebebambe izingxoxo mayelana nokwakhelwa kwabaholi kanjalo nozohlala esihlalweni.
“Sikujabulele kakhulu ukukhuphuka ndawonye singamalungu ebandla futhi bekuyisifiso sethu ukuthi umkhuleko siwuphothulo ndawonye, kepha inkinga beyizoba phezulu kubaholi. Okokuqala; sikucacisile ukuthi isihlalo ngesomholi waseThembezinhle, ngeke abaholi baqhwakele bobabili enkonzweni eyodwa. Umholi waseGinyezinye, ngokokuzalana, uyindodana kumholi waseThembezinhle, ngakho indodana ebandleni ayiqhwakeli noyise,” kusho uMthethwa.
Uvumile ukuthi baphinde balandela umyalelo wommeli obaxwayise ngokuthi ukuqhwakela kwabaholi ndawonye kuzohumusheka emakholweni, ngelinye ilanga, njengokuthi ubegcoba umholi waseGinyezinye. Mayelana nodaba lokwakhela abaholi, uthe umholi waseGinyezinye bese besikhombile isiza lapho abezokwakhelwa khona kanjalo nowabo, okuthe ekufikeni kowaseGinyezinye wafika wakhomba lapho bekuzokwakha khona owaseThembezinhle.
“Asinankinga nomholi waseGinyezinye, siyamhlonipha njengomholi. Ibandla laseGinyezinye siyathanda ukukhonza nalo futhi akuzange kube khona ngxabano, sakhuphuka kahle sonke kwathi emva komyalelo womholi wabo benyuka bayokhuleka, behla ngaphandle kwenkinga. Namanje sivule izandla ekutheni uma kukhona ilungu elifisa ukubuya lizokhuleka, lenze njalo,” kusho uMthethwa.