Izindaba

Sibheka umlando weSilo uZwelithini

Thokozani Ndlovu|Published

King Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu delivers a keynote address at the 2014 National Day Of Reconciliation Celebrations at Ncome Museum, KwaZulu Natal, 16/12/2014. Siyasanga Mbambani/DoC.

NAMUHLA kuhlangana iminyaka emibili kwabuza iSilo uZwelithini kaBhekuzulu.

UyiSilo sokuqala emlandweni waKwaZulu, esabusa isikhathi eside njengoba ilanga lashona emini ngoMashi 12, 2021, emva kweminyaka ewu-49 sisesihlalweni.

Isolezwe ngeSonto lixoxe nosomlando, uSolwazi Jabulani Maphalala, owuqonda kahle umlando waKwaZulu ngenhloso yokukhumbula uMdlokombane.

UMDLOKOMBANE iSilo uZwelithini kaBhekuzulu nowayengumengameli uMnz Jacob Zuma noMntwana wakwaPhindangene ngesikhathi uMdlokombane egubha iminyaka engu-66

USolwazi Maphalala, uthe uMdlokombane wayengoka-21 kusuka kwiSilo uNtu, ukubusa KwaZulu. Uma kubalwa amakhosi abusa ngaphambi kukaMdlokombane kukhona iSilo uNtu, owalandelwa yiSilo uMnguni, uZamani, uMalandela, uZulu, uNtombela, uNkosinkulu, uMageba, uPhunga, uNdaba, uJama, uSenzangakhona, uMthaniya, uShaka, uDingane, uMpande, uCetshwayo, uDinuzulu, uPhumuzuzulu, uBhekuzulu bese kuba yiSilo uZwelithini, osekungene indodana yakhe esihlalweni iSilo uMisuzulu esibusayo.

King Goodwill Zwelithini - KUVUKE usinga kuculwa amahubo akwa Zulu ngesikhathi kugcotshwa inkosi yesizwe sakwaMachi, lapha kusuka kwesokunxele inkosi uNtamonde Machi, iSilo samabandla wonke, u Mntwana u Mbonisi no Mntwana u Thulani behuba ngemuva kokugcotshwa kwenkosi u Machi
SIKHUMBULA iSilo samaBandla njengoba namhlanje sihlanganisa iminyaka emibili sabuza Isithombe: SIGCINIWE

ISilo uZwelithini sathatha isihlalo sikayise uBhekuzulu ngo-1971 ngokusho kukaMaphalala. ISilo uBhekuzulu sabuza ngo-1968, isihlalo saso saqala sabanjwa nguMntwana u-Israel Mcwayizeni ngaphambi kokuba kungene uMdlokombane ohlale kuso eneminyaka engu-20.

“Ekubuseni kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu, zikhona izinto akhunjulwa ngazo azenza. Ukukha phezulu nje, singabala ukuthi savuselela uMkhosi woMhlanga, uMkhosi woKweshwama owabhekana nezingqinamba kukhalwa ngokuthi kuhlukunyezwa izilwane ngokubulawa kwenkunzi isontwa intamo amabutho, okuyinto eyenziwa uma kunalo mkhosi,” kusho uSol Maphalala.

Uthe kuzokhumbuleka necala elalifakwe ababhekelela izilwane lafike lachithwa enkantolo ngenxa yokuthi akekho umuntu ovinjwayo ukugcina isiko lakhe.

“Eminye imikhosi ebihlala yaziwa ukuthi uMdlokombane uyayigubha, umkhosi wamaGanu noweLembe owawuqalwe nguyise,” kuchaza uSolwazi Maphalala.

NgokoNdlunkulu uMdlokombane anabo kukhona uNdlunkulu uMaDlamini, uKaMathe, uMaNdlovu, uMantfombi Dlamini ongunina weSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMaMchiza noKaMafu.

DURBAN 08-05-2011 KING GOODWILL Zwelithini Zulu Unvailling his mothers tombstone at Catomanor. Picture: S'bonelo Ngcobo

Amazinyane eSilo uZwelithini, uSolwazi Maphalala uthe asikho isiqiniseko sokuthi mangaki kodwa alinganiselwa ku-35 esewonke. Umlando wokunikwa iSilo isitifiketi wuhulumeni, uthe uSolwazi Maphalala waqala ngesikhathi kuthatha uMdlokombane. Ngesikhathi enikwa sona uthe sasisho ukuthi akekho umuntu ongaphezu kweSilo.

Zikhona nezigigaba athe zake zenzeka ngesikhathi uMdlokombane esaqala ukuthatha izintambo.

Okunye kwakho uthe sasingakwazi ukusingatha imicimbi bungekho ubuholi bukahulumeni. Esinye uthe ngelinye ilanga uMdlokombane waphuma ngewindi ebaleka kade enomhlangano esiShayamthetho esidala Olundi.

Kulowo mhlangano okuthiwa wawusebusuku, kuthiwa akwaziwa yini eyabalekise iSilo njengoba sasingakaze siyixoxe leyo ndaba.