Izindaba

Sibanjwe singazelele isigelekeqe esigqekeza imizi eNtubeni

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMPHAKATHI wase Clermont kwaDabeka uvuke umbhejazane wavala thaqa izikhala zemigwaqo engenelela kuleli lokishi ukhala ngentuthuko egqozayo endaweni Isithombe: DOCTOR NGCOBO

KUHLWE emini kowesifazane osekhathaze umphakathi waseNtubeni, eNhlangwini, ngokugqekeza imizi nokweba izingubo ezinekiwe.

Kuthiwa lo msolwa, uphelelwe amahlathi ngesikhathi ebanjwa ngusomabhizinisi wendawo ngemva kwezinyanga emthungatha ngoba emsola ngokugqekeza emzini wakhe.

"Ngizwe ngomunye womakhelwane ukuthi ubonakale etekisini esuka eStanger, ebheke lapha eNtubeni. Sibe sesakha itulo lokumlinda lapho abezokwehla khona,“ kusho usomabhizinisi uMnuz Bonokwakhe Khuzwayo.

Echaza uKhuzwayo uthe le ntombazana nabanye abasolwa abangaziwa bangena ngophahla lomuzi wakhe beba impahla yakhe okubalwa ilaptop notshwala obubizayo, nokudla.

"Udaba ngalubika emaphoyiseni aseGlendale, afika azibonela mathupha umonakalo ekhaya. Sezwa ngomakhelwane ukuthi umsolwa wathutha kubo wabaleka ngemuva kokuzwa ukuthi uyafuneka. Umseshi wecala naye ulandele umkhondo wakhe kodwa wathi uzwe kuthiwa uKwamaMadundube," kuchaza uKhuzwayo.

Omunye umakhelwane ozibize ngoMaMdletshe, uthe sebekhathele yile ntombazane futhi isiwuhlukumezile umphakathi.

"Ngonyaka odlule kwabikwa ukuthi yangena emzini wakwaLuthuli yeba utshwala nokudla, kweminye imizi yeba ngisho izimpahla ezinekiwe izigqoke," kusho uMaMdletshe ongumakhelwane womsolwa.

Umsolwa ubanjiwe waboshwa izandla nezinyawo, kwabikelwa amaphoyisa aseGlendale, ngokubanjwa kwakhe.

"Amaphoyisa agcine ethi asendleleni kodwa kuze kwasa ngoLwesibili engabonwa," kusho uKhuzwayo, ezwakalisa ukunengeka ngesenzo samaphoyisa.

Umsolwa ukwazile ukweqa wabaleka ngesikhathi kusalindwe amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe uma kwenzeka umuntu ovule icala ezizwa enganelisekile ngosizo lwamaphoyisa, unalo ilungelo lokufaka isikhalazo ophikweni olubhekelele ukusebenza kwamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID).