Ubuye wabanjwa owesilisa osolwa ngokudlwengula abafundi eBizimali High School.
Image: SAPS
AMAPHOYISA aseMariannhill aphinde abophe umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala obhekene namacala okudlwengula oweqa esitokisini samaphoyisa eMariannhill ngoMsombuluko, kulandela ukuboshwa kwakhe ekuseni ngalolo suku.
Lo mlisa uboshwe ngoLwesine ekuseni ehostela eDalton, eThekwini. Ngokwemibiko evelayo, kuthiwa ubanjwe esenyangane, futhi sekuphele izinsuku ezimbili ekhona. Izinsolo zenyanga ngaye ziqinisekiswe usomatekisi okuthe uma ixhumana naye ngodaba lomlisa ofuna usizo lwayo, waveza ukuthi ngumsolwa emacaleni okudlwengula.
Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yasePinetown namuhla, ngoLwesine, ngecala lokweqa esitokisini.
Uzobe esedluliselwa eKhombe lapho ezobhekana khona namacala amaningi okudlwengulwa abafundi abahlala emakotishi esikole eNkandla.