SIZOVALWA yiNewzroom Afrika isikhala esishiywe yisiteshi sezindaba i-AfroWorld View kwiDStv.
Lezi zindaba zimenyezelwe yisikhulu esiphezulu sakwaMultiChoice SA, uMnuz Calvo Mawela izolo, othe bakhethe iNewzroom Afrika ngoba iyona eze nebhidi ekahle futhi iphethwe ngabantu abamnyama.
INewzroom Afrika, isiteshi sezindaba esisha, iphethwe ngobefunda izindaba kwaSABC, uNksz Thabile Ngwato (28) onenkampani ebizwa ngeRapid Innovation noMnuz Thokozani Nkosi (43) we-Eclipse TV.
UNksz Ngwato ushayele uhlelo lwakhe lokugcina lwezindaba kwaSABC ngo-Agasti 18 njengoba emenyezelwe njengomnikazi wesiteshi esisha.
I-Eclipse kaNkosi ikhiqiza izinhlelo ezifana ne-I Want to Sing Gospel, Big Up! ne-It’s Gospel Time.
UNkosi uke walingisa emidlalweni ehlukene yethelevishini okubalwa iYizo Yizo isizini yokuqala.
Kuvela ukuthi uNksz Ngwato noNkosi yibo bodwa abanikazi beNewzroom Afrika okusho ukuthi umuntu emunye uphethe * -50%.
UNksz Ngwato uzalelwe eMpumalanga kanti uqale ukusebenza kwiY-FM ngaphambi kokuyosebenzela iSABC njengomfundi wezindaba.
Ungumfundi wezindaba, umphathi wezinhlelo, wenza izikhangiso ezidinga izwi kanti ukhuluma izilimi eziyisithupha zaseNingizimu Afrika okuyisiNgisi, isiBhunu, IsiZulu, IsiXhosa, iSePedi neSeSotho.
UNkosi uzalelwe eSoweto ushadelwe nguNkk Bonolo Nkosi ababusiswe naye ngamadodakazi amabili uKholiwe no-Owakhe.
Izolo abathanganga ukuphendula imibuzo yezintatheli njengoba bethe bacela ukukhuluma nabezindaba namhlanje.
UNksz Ngwato uthembise abantu baseNingizimu Afrika izindaba eziseqophelweni eliphezulu futhi ezingenakho ukwenzelela kwabathile.
Esitatimendeni bathe isiteshi sabo sizoqala ukusakaza ngonyaka ozayo futhi sizoba nezintatheli ezinohlonze njengoba ophethe ophikweni lezindaba ngowayeyisikhulu sakwa-eMedia, uNksz Malebo Phage.
Izindaba ezisakazwayo zizoqashwa ngeso lokhozi yintatheli esayathatha umhlalaphansi eke yaba wumxazululi emacaleni athinta abezindaba
uMnuz Joe Thloloe ozoba yiNhloko ye-Editorial Ethics.
UNksz Zanele Mthembu odumile ekukhiqizweni kwezindaba zethelevishini uzoba yiBroadcast Operation Chief.