Izindaba

‘Sesifikile isikhathi sokwamukela izitabane’

Boniswa Mohale|Published

SEKUYISIKHATHI sokuthi abantu bazemukele izitabane ngoba nazo azihlukile kubo. Lokhu kushiwo ngumlingisi osathuthuka uSandile Makhoba (27) odlala indawo ka-T-Bos kwi- Rhythm City kwi-e.tv .

Ngokusho kukaSandile u-T-Bos ngumculi we-kwaito ongafuni ukuthi abalandeli bakhe bazi ukuthi uyisitabane.

“Ukudlala le ndawo kungifundisa ukuthi abantu kufanele sibemukele benjalo noma ngabe indlela abaphila ngayo yehlukile kunaleyo esizitshela ukuthi ilungile,” kusho uSandile.

Uthe uye aphatheke kabi uma efunda ukuthi kubulawe owesifazane ngoba ethandana namantombazane futhi uyethemba ukuthi lo mkhuba uzophela.

UMatlapulana Rogoasha wakwa-e.tv uthe indawo ka-T-Bos ithathelwa empilweni kaDJ Cleo, okunamahlebezi okuthi uyisitabane kodwa-ke yena awaphikayo.

USandile akaqali ukuvela kuthelevishini njengoba eseke wadlala kwi- Fallen nasezikhangisweni ezahlukene.

Ebuzwa ukuthi akesabi yini ukuthi ukudlala indawo ka-T-Bos izomqhatha nabantu, uthe uma ethatha umsebenzi uye athathe lokho okuhle angagxili kokubi ngendawo asuke ezoyidlala.

“Okubalulekile wukuthi ngifundise abantu ukwamukela labo abathandana nabobulili obufanayo. Angikholwa ukuthi kukhona abazongihlasela ngoba ngidlala le ndawo. ngiyethemba bazokwazi ukuhlukanisa phakathi komlingisi u-T-Bos noSandile,” usho kanje.

Le nsizwa yase-Coffee Farm kwaNdengezi ithembise abalandeli be- Rhythm City ukuthi kusazoba mnandi kulo mdlalo njengoba u-T-Bos eshaya kwasani emtshela ngobutabane bakhe.

USandile ufunde e-Durban University of Technology lapho aphuma khona ne-National Diploma kwi-Drama.

Ugqugquzele intsha ukuba ingagxili ezintweni ezidicilela phansi impilo yomuntu kodwa yenze okunenqubekela phambili.