SENYUKE ngabafundi abangaphezulu kuka-100 000 isibalo sabazobhala u-matric kulo nyaka.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezeMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga, ngoLwesihlanu ngesikhathi ethula umbiko ngezinhlelo zalo mnyango zokuzilungiselela ukubhala izivivinyo zalo nyaka.
Uthe kulo nyaka abafundi abazobhala izivivinyo zabo bangu-735 677. Uthe lesi sibalo sisho ukuthi isibalo sabafundi abazobhala senyuke ngo-128 451.
Uqhube wathi laba abangu-735 677 ngabafundi abebefunda ngokugcwele.
"Laba bafundi ababhala u-matric kulo nyaka ngabafundi abangazange bakufunde konke okwakumele bakufunde kwa-grade 11 ngenxa yeCovid-19. Othisha abazimisele babafundise konke okumele bakufunde kulo nyaka. Babe nesikhathi esanele sokubuyekeza umsebenzi wabo. Olunye uhlelo obelwenziwa wumnyango nobambisene nabo olubasizile olukuthi bakwazi ukufunda ngezobuchwepheshe. Zingu-18 izinsuku ezisele ngaphambi kokuthi kuqale ukubhalwa izivivinyo," kusho yena.
Uthe yizivivinyo zesithathu lezi ezibhalwayo selokhu kwafika iCovid-19 kuleli.
Uthe ngenxa yokuhlasela kwaleli gciwane umnyango kumele uqiniseke ukuthi wenza izinhlelo ezifanele ukuze kunqandwe ukusabalala kwaleli gciwane.
"Sesibhekile ezifundazweni zonke ukuthi ngabe konke kumi ngomumo yini. Seziqinisekisile ukuthi konke kumi ngomumo," kusho yena.
Uthe umnyango uthole izicelo ezevile ku-5 million zabantu abasha abafisa ukuthola amatoho ngaphansi kohlelo lukamengameli lokusiza intsha ekutheni ithole amakhono ezikoleni, iPresidential Youth Employment Initiative (PYEI). Ukufakwa kwezicelo zabafisa ukuqashwa kulolu hlelo kuvulwe ngoSeptemba 27. Umnyango unezikhala ezingu-287 000