KUBHEKEKE ukuba lidlulele eNkantolo yesiFunda eThekwini, icala lonogada abane abasolwa ngokushaya babulale umthengi, ababemsola ngokuthi wayezokweba izimpahla zokugqoka enxanxatheleni yezitolo eChatsworth eningizimu yeTheku.
NgoMashi walo nyaka umufi uMnuz Minenhle Maphumulo waseMlaza, wayehamba nomngani uMnuz Mthokozisi Ncanana beyobheka izingubo zokugqoka base bengena kwesinye sezitolo sezimpahla zokugqoka, kule nxanxathela yezitolo.
UNcanana owalimala kanzima kulesi sigameko, uthe bathelekelwa yilabo nogada abane, babahudulela emnyango babashaya, wagcina ngokushonela esibhedlela uMaphumulo.
Onogada oMnuz Mxolisi Dlamini, Siboniso Cele, Xolani Nyekani noPhillip Bekwa baboshwa ngecala lokubulala nelokushaya ngenhloso yokulimaza, emva kokuba bezinikele bona emaphoyiseni nommeli wabo, base bededelwa ngebheyili. Bayaliphika icala.
Bebevele eNkantolo yeMantshi eChatsworth izolo, uMbuso walihlehlisa ukhala ngokuthi kukhona izinto ezisasilele ophenyweni lwawo ngaleli cala okubalwa nolibofuzo lwegazi elathathwa endaweni yesigameko.
IMantshi uNkk Judy Gurie, ilihlehlisele u-Agasti 27 kodwa yakubalula ukuthi sekungokokugcina. UMshushisi uNksz Sumeshni Naidoo ukuvezile ukuthi leli cala lingase liphelele enkantolo yesifunda eThekwini.
Ummeli wabamangalelwa uMnuz Mpilo Hlongwa weM. Hlongwa Attorneys, wenqabile ukuba abezindaba bathathe izithombe zabamangalelwa wakhala ngokuthi lokho kuzobeka impilo yabo engcupheni njengoba beqhubeka nokusebenza.
Ucele imantshi ukuthi icala lisheshe liqulwe ngoba abamangalelwa bayalimala ngezindleko zokukhokhela ummeli njalo uma bezovela enkantolo, wacela ukuthi lihlehle okokugcina.
Imindeni ebikhona enkantolo ithe ilindele ukuthi kwenzeke ubulungiswa ngoba onogada baba nesihluku kungafanele kwazise izihlobo zabo zashaywa zingathathe lutho esitolo kodwa zazisolwa ngokuthi zizontshontsha.
“Labo nogada benza icala kungenasidingo futhi bayazi ukuthi abakwenza kwakuyicala ngoba lo owasinda akaboshwanga. Kwakumele bababophe kodwa abakwenzanga lokho ngoba akukho zimpahla abazithola kubo. Isiteshi samaphoyisa siseduze kakhulu nesitolo ngakho-ke akukho okwakuvimba onogada ukuba babize amaphoyisa kodwa banquma ukubashaya ngenhloso yokubabulala,” kusho esinye isihlobo esicele ukungadalulwa.